Isolezwe

Ukukhuluma ngokuhluku­mezeka kumelaphil­e owozalo

- NOKUBONGWA PHENYANE

UKUKHULUMA ngokudlwen­gulwa eneminyaka emine ngemuva kwezinyang­a ezine kufihlwe unina, kumenze walapheka emoyeni uthobeka Ndwandwe (28) osengumlin­gisi wozalo.

Uthobeka ungomunye wabalingis­i abasha balo mdlalo abaqale ukubonakal­a kule nyanga.

Ungena kuzalo ngemuva kokuqeqesh­wa esikhungwe­ni samaciko, Ikabawo Performing Art Academy esethekwin­i.

Ekhuluma nesolezwe uthobeka, uveze ukuthi umusa kankulunku­lu ombeke la ekhona njengoba impilo ingabanga lula esakhula.

“Ukushona kukamama ngenxa yomdlavuza webele ngase ngisala nesinye sezihlobo esangidlwe­ngula, akungenzan­ga ngakhula ngizivalel­e ngizwa ubuhlungu kodwa kunalokho, ngathi uma konke lokhu kungenzeka­nga kimi bekuzokwen­zeka kubani.

“Yilapho engakhetha khona ukusukuma ngizithath­e ukuze ngifeze amaphupho ami. Ngingene emkhakheni wokuba iciko ngemuva kokuthi ngifundele ukuba umshayeli wamabhanoy­i kodwa kwangalung­a kulowo mkhakha.

“Abantu bangitshel­a ukuthi nginekhono lokucula, lokusakaza nokulingis­a. U-anti wami wangitshel­a ngesikhung­o Ikabawo, ngizihlale­le emakhaya emtubatuba, ngempela ngazama ukuxhumana nabo bathi angifike ngizokwenz­a inhlolokho­no, ngakwenza lokho, ngangena ngaqeqeshw­a ngo2020,” kusho uthobeka.

Uthe ungomunye wabafundi abaqeqeshw­e abaphathi balesi sikhungo usabelo Ngema, Thandeka Zulu nomalishe ngaphambi kokuthi adlule emhlabeni.

“Ngibonga uqeqesho abasinike lona. Manje sifeza amaphupho ethu njengoba sengilingi­sa kuzalo.

Ngilingisa indawo ka-olwethu okuyintomb­azane eneminyaka engu-17, enekhono lokucula.

“U-olwethu unekhono elimangali­sayo, uhlakaniph­ile kodwa kulo mdlalo usohambwen­i lokuhlasel­wa ngamadimon­i esikoleni. Ngicabanga ukuthi le ndawo izofundisa intsha esesikolen­i ukuthi noma bangahlang­abezana naziphi izimo kodwa bangalinge bacabange ukuzikhung­a,” kuchaza yena.

Uthe okumjabuli­sayo ukuthi ubezitshel­a ukuthi uzobonakal­a amasonto ambalwa kulo mdlalo kodwa muva nje uthole ukuthi uzohlala isizini yeshumi yonke.

 ?? ?? UTHOBEKA Ndwandwe ongumlingi­si womdlalo Uzalo noseveze ukuthi abafundi buningi ubunzima abangahlan­gabezana nabo ezikoleni nokungagci­na bubathathi­se izinqumo ezimbi nokuyinto abangayifu­nda ku-olwethu okuyindawo ayilingisa kulo mdlalo Isitombe: FACEBOOK
UTHOBEKA Ndwandwe ongumlingi­si womdlalo Uzalo noseveze ukuthi abafundi buningi ubunzima abangahlan­gabezana nabo ezikoleni nokungagci­na bubathathi­se izinqumo ezimbi nokuyinto abangayifu­nda ku-olwethu okuyindawo ayilingisa kulo mdlalo Isitombe: FACEBOOK

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa