Isolezwe

Bajabulele ukuzikhang­isa kwi-africa’s Travel Indaba

- BONISWA MOHALE

BATHI izobasiza ukuheha izivakashi zakwamanye amazwe osomabhizi­nisi abazohambe­la i-africa’s Travel Indaba bemenywe yidurban Tourism.

Unksz Zinhle Mqadi oyisikhulu esiphezulu sendawo yokudlela esemlaza, imax’s Lifestyle, utshele Isolezwe ukuthi bayajabula kakhulu ukuthi idurban Tourism ibanike ithuba lokuyozikh­angisa kwi-africa’s Travel Indaba.

“I-africa’s Travel Indaba wumbukiso omkhulu wezokuvaka­sha ohanjelwa ngabantu bamazwe aphesheya kwezilwand­le, awalapha e-afrika nabantu bakwezinye izifundazw­e zakuleli. Uyithuba lokuzikhan­gisa nokwakha ubudlelwan­o obusha namabhizin­isi ehlukene. Sihlezi sizuza uma kuyi-africa’s Travel Indaba ngoba kunezivaka­shi eziza elokishini zizodla noma zenze eminye imicimbi,” kuchaza unksz Mqadi.

Uthe lo mbukiso awugcini nje ngokugcwal­isa amahhotela kodwa ungenisa imali kuwo wonke amabhizini­si ezokuvakas­ha ethekwini ngoba izivakashi ziyiswa kuwo wonke amakhona aleli dolobha. Amazwi akhe ananelwe wunksz Makhosazan­a Ngwenya wendawo yokuhlala izivakashi ekwangcolo­si, isilokazi.

Unksz Ngwenya uthe ukuya kwiafrica’s Travel Indaba kuzobasiza ukuzikhang­isa kubantu bamazwe ehlukene ngoba bahlale bezidinga izivakashi.

“I-africa’s Travel Indaba izoqinisek­isa ukuthi sihlale sinezivaka­shi ngoba njengoba sizobe sizikhangi­sa ngaphansi kwedurban Tourism, izivakashi zizohlale zisikhumbu­la. Sizokwazi ukukhombis­a abantu ubuntu esinabo nobuhle bemvelo bale ndawo yethu,” kusho unksz Ngwenya.

I-africa’s Travel Indaba izoba senkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC) kusukela namhlanje kuya ngolwesine.

Izohanjelw­a ngabantu abangaphez­u kuka-9 000 kanti kuphakathi kuka-85% no-95% ukugcwala kwamahhote­la asethekwin­i njengoba kunalo mbukiso.

Kulindelek­e ukuthi ingenise ur439 million emnothweni wetheku, idale amathuba omsebenzi awu-796.

 ?? ?? UNKSZ Zinhle Mqadi wemax’s Lifestyle uthi iyabasiza kakhulu i-africa’s Travel Indaba
Isithombe: FACEBOOK KAZINHLE
UNKSZ Zinhle Mqadi wemax’s Lifestyle uthi iyabasiza kakhulu i-africa’s Travel Indaba Isithombe: FACEBOOK KAZINHLE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa