Uyaziphindiselela unkosikazi weqabane
INCWADI: The comrade’s wife
UMBHALI: Barbara Boswell ABASHICILELI:JACANA Media
UKUPHOXEKA kukankosikazi weqabane ngemva kokuthola ubufakazi bokuthi umyeni uyashendeza, kwenza azibuze aziphendule ngesinqumo sakhe. Incwadi ethi: Comrade’s wife yinoveli elotshwe ngubarbara Boswell, exoxa ngezinselelo zokushada.
Ngenxa yokuthi uneil ungusopolitiki uhlale esemgwaqweni elungiselela imihlangano ezindaweni ezahlukene. Unkosikazi u-anita uthemba ukuthi konke kuhamba kahle kanti uneil uthola ithuba lokungcebeleka nomakhwapheni.
Sekukaningi uneil emlaxaza uma bese holidini asale yedwa u-anita abukele izinyoni kanti umyeni uyazitika nezintombi.
Ngemva konyaka beshadile uneil, uhlela ukuthi bashawe wumoya ethekwini, besuka ecape Town. Kuthi engazelele u-anita, epakishela umyeni wakhe izimpahla azithele phezu kwamakhodomu namaphilisi omvusankunzi iviagra. Uvuka emaqandeni u-anita! Aphequlule konke.
Uyaphenyisisa ngemiyalezo esocingweni lukaneil, athole uhlu lwamagama ezintokazi ezimbhalelayo, zimtshela ukuthi ziyamkhumbula, zincoma nempatho yakhe. Useyabona manje u-anita ukuthi kungani uma bexabana uneil, avele amuphe isipho esihle bese eyakhohlwa.
“Ngithi uma ngiphenduka embhedeni ngithole uneil ephethe ibhokisi elincane elinamacici amahle abizayo ... kepha afana ncamashi nalawo awanikeza ucarol (intombi kaneil),” kuchaza u-anita.
Kusa ngokunye kuneil uma kutheleka abakwasidlodlo emzini wakhe esathi ucambalele kanti bazombopha. Phela u-anita udalule konke okwenziwa ngumnyeni okungekho emthethweni ngenhloso yokuziphindiselela.