Sikhathele othathekile abavota sengathi bacimezile
MHLELI: Unyaka ophezulu uyenzile indaba kosomathuba baseningizimu Afrika. Kunabantu abalobizela ukuthi babesemandleni okubusa njengoba sibheke okhethweni ngomeyi 29.
Kuzoqopheka umlando nonyaka ngenxa yoqhibukhowe bamaqembu epolitiki asunguliwe.
Okuxakayo wukuthi kukhona ngisho abaxebuke eqenjini elibusayo. Sebezenzele imijondolwana yamaqembu bathembisa abavoti izulu nomhlaba kepha bahluleke bancama ngesikhathi besaphethe, ukufeza izethembiso ebebezenza eminyakeni ewu-30 edlule.
Abakwenzayo kuzododobalisa amathuba okuba siphume ebugqilini esibuthwaliswe yiqembu elibusayo yonke eminyakeni edlule.
Phela bathembe amavoti abazowanikezwa ngothathekile. Abantu abavota sengathi bacimezile. Lawo mavoti azofana nacoshwe emgqonyeni kadoti ngoba ngeke alise ndawo izwe ekubeni abaphethe balithele phansi.
Lokhu kuyizinkomba zokuthi abasungula izicagogwana zamaqembu, balandela ibhodwe eliconsayo. Kepha elinye eliwuqhibukhowe selimemezele ukuthi liphonsa ithawula ekungeneleni ukhetho.
Lokho kukodwa kuyizinkomba zokuthi umphakathi wezwe lethu ucabanga kancane kangakanani.
Phela kuthi kungasungulwa iqenjana lepolitiki ubone abantu bebhuza, okuthi kungaqhamuka umuntu zibhuze zimlandele okwezinkukhu zicabanga ukuthi uphethe umgqakazo.
Okwenziwa wumphakathi kungikhumbuza kudala ngeminyaka yawo-1960, kwakukhona insizwa ababeyibiza udunusa, bethembe ukuthi kuzovela amaswidi. Ngeke ngisasho ukuthi babethi kuvelani, nawe usungafunda kwezakho.
Siyazincenga ukuba bavote ngokucophelela, sesiphile eminingi iminyaka ngaphansi kwenkohlakalo. Kumele bakhumbule ukuthi inkohlakalo yokukhwabanisa umnotho nemali ezweni, akugcinanga ngezikhathi zabakwagupta.
Kumele bazibuze ukuthi kwenzekani ngezigidigidi zamarandi ezazibekelwe icovid-19 eyabhuqabhuqa abantu bafa kuhle kwezimpukane.
Leyo mali bayehlisa ngemilenze, njengoba kusho abasemaxhoseni. Ungenzani ngabantu abangasenawo unembeza abantshontsha ngisho kufiwe?
Baningi abazolandela, asebejike esiteshini bashintsha umqondo ngokugibela isitimela ngenxa yokuthi izimfuno ZE-IEC, zibukeka ziwumqansa. Inkinga yisibalo esifunekayo sabalandeli beqembu ngalinye ngaphambi kokubhalisela ukhetho. Singasho ukuthi basazolandela abanye ngoba zibhanjwa kweziwudlayo.
Ngenele ngabantu baseningizimu Afrika, ngendlela abalobizela ngayo ukubekwa ezintanjeni zokuphatha ukuze basuthise imindeni yabo nalabo abasondeleni nabo.
Kusele kuwe mvoti ukuthi usazophinde uvote ucimezile yini? Sikhathele yimibhikishwana yenu ekubeni nisuke nizigxobe endaweni ebucayi nibheke ngawo womabili.