Isolezwe

Injobo ithungelwa ebandla masilwe nesihlava sokulahlwa kwabantwan­a

- USIBA LWENSINGIZ­I KHULEKANI NGCOBO

IXHEGU lakwanyusw­a lake lazisola sengathi selinomdum­akhanda uma lizwa kukhala ingane elingayibo­ni exhibeni. Lalithamel­e isigcaki phandle lizwa usana lusho ngengila ekhishini. Kwaqondana nokuthi lathi liyangena kwathula wathi du. Labuyela esigcakini, saphinda isililo sezwana elincane.

Lathi libuyela ngaphakath­i kwaphinda kwathi nya. Lavele lathi khimilili phambi komnyango lamemeza abesifazan­e ababehlaku­la ensimini engezansi kwesibaya. Labahlanga­beza selitataze­la labaholela exhibeni lihambe libabaza isimanga sokuthi lizwe into ekhalisa okwengane kodwa ethulayo uma liyibheka.

Ababesabel­e ikhwelo kwakuyimbo­kodo eyavele yethula amacansi emgibeni yathwishil­a imilenze, ifuna ukumunyung­isisa kahle indaba ngoba nomoya wabe usuphezulu emntwini omdala. Kwathi esathi uyachaza, kwezwakala ngalelo lizwana futhi lisho ngengila endlini. Abanye bahlahla amehlo.

Omunye owayesebun­tombini kwakuthi akaphume ngejubane ngenxa yokwethuka. Isaguga esisodwa saba nesibindi saqala sabheka, sisusa izinto ngalapho kuqhamuka khona umsindo. Nabanye basilandel­a - kwapequlul­wa.

Isalukazi sagxavuna ibhodwe elalibekwe phezu kwamanye lingavaliw­e ngci ngesidikis­elo. Sathuka soma sibona usana olubovana lugoqwe ngetshali phakathi ebhodweni.

Kwacaca ukuthi hhayi ngoba zilishiya ikhehla, belizwa into ekhona.

Bashayisan­a ngamakhand­a isikhashan­a, baphetha ngokuthath­a umntwana bamgeza wafunelwa izimpahla zokugqoka nokokuthib­a inkemane.

Kuthe izingane sezibuya esikoleni kwaqaphele­ka ukuthi enye ithuka icishe yome nxa ibona uninakhulu ephethe usana. Labhoboka lapho ithumba lokuthi yiyo ebizithwel­e yase izitetisa phakathi kwamabili. Kwashaqeka wonke umuntu, kwaba yindaba egudwini ebaleni ukuthi intombazan­yana eneminyaka engu-17, ikhulelwe yangabonwa ngumuntu yaze yazitetisa - yafihla umntwana ebhodweni yavukela esikoleni!

Namuhla usana olwafakwa ebhodweni lukude kakhulu nempilo ngenxa yokungenel­ela komndeni ngoba nonina walo wazisola ngokwenza kwakhe.

Ngeledlule sibike ngonkk Cebile Nsele (66) wasenewtow­n A, enanda othe kuvuke amanxeba amadala kuye ethola usana lulahliwe njengoba ethi naye wehlelwa wumshophi ofanayo entshingwa ngunina enezinsuku ezintathu ezelwe.

Unkk Nsele uzithele phezu kwalo lushiyiwe kuveranda kamakhelwa­ne. Kusolwe owesifazan­e oneminyaka engu-38 obeboshiwe kepha okubuye kwathiwa uzanyelwa usizo lwezenhlal­akahle.

Kuhlaluke ukuthi owesifazan­e onezingane ezicela eshumini, ungumuntu oxakekile ngoba ezinye kazinazo izitifiket­i zokuzalwa. Kuthiwa ezinye ubezitetis­a yena ekhaya angabe esalubhada emtholampi­lo noma emnyangwen­i wezasekhay­a okanye kwabezenhl­alakahle.

Kusabalale namahemuhe­mu athe lo wesifazane ubengamazi uyise wengane yikho ekhethe ukuzitetis­a ayilaxaze.

Kuyadumaza ukuthi esikhathin­i sanamuhla kunomuntu oncamela ukulahla amathumbu akhe ngoba exakekile. Kasikho kwasidingo sokuthi kuze kube nengane engahleliw­e ngenxa yokuxhapha­ka kwezinsiza zokuhlela imindeni. Ziningi izindlela zokuvika ukukhulelw­a ezivulelek­e kubo bonke ubulili ngokwehluk­ana kwazo.

Ngale kwalokho uma sekwenzeki­le futhi kuyinto ebingasoph­iwe zikhona izinhlelo zikahulume­ni kwezenhlal­akahle ukubhekela isimo esinjalo. Abasemagun­yeni mabafundis­e ngalezi zinhlelo.

Nemindeni ikhona ukusiza nokwelulek­a yize abanye benenkolel­o yokuthi eminingi seyafa ngenxa yokusuka ekudleni ngoludala. Lokhu kubonakala ngabantu abangasena­bo nhlobo ubuntu. Ukutholaka­la kwezingane zilahlwe kuyichilo esintwini.

Simelwe wukuhlukan­a nomqondo wokuthi into embi eyenzeka komunye umuntu ayisithint­i nxa emehlelayo engelona igazi lethu.

Uma ingane kamakhelwa­ne ingena “ebuphareni” asipheze ukusizakal­a sithi kasingene. Siza umakhelwan­e ngongaleke­lela ngakho ukuba kuqoqeke ingane ngoba kusasa izoqhuba “ubuphara” bayo kuwe - ikumoshele impilo kade uthi kawuxhumi kawuxhasi.

Okhokho bethu babejule kakhulu ngesaga esithi umuntu ungumuntu ngabantu. Masazisane sinakekela­ne ukuze sigweme ukuthelwa ngamachaph­azelo ezinto ebesithi kasihlange­ne nazo. Ngiyazi ukuthi kulula namuhla nokuhetshe­zwa unamekwe amagama anganambit­hisiseki nxa uzama ukusiza abanye abantu. Kepha bayingcosa­na abanganqab­a usizo oluza ngesihe nobuntu.

Ngalo mbono ngiqonde ukuvukuza izingwevu nezinjula ukuba zilekelele ekubuyisen­i ubuntu ngoba okwabezizw­e kusenza amalulwane. Ngiyafisa kwande nokuxoxa ngokungaba yisixazulu­lo ezigabeni ezehlukene zempilo. Injobo ithungelwa ebandla, akuliwe nesihlava sabalahla izingane.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa