Injobo ithungelwa ebandla masilwe nesihlava sokulahlwa kwabantwana
IXHEGU lakwanyuswa lake lazisola sengathi selinomdumakhanda uma lizwa kukhala ingane elingayiboni exhibeni. Lalithamele isigcaki phandle lizwa usana lusho ngengila ekhishini. Kwaqondana nokuthi lathi liyangena kwathula wathi du. Labuyela esigcakini, saphinda isililo sezwana elincane.
Lathi libuyela ngaphakathi kwaphinda kwathi nya. Lavele lathi khimilili phambi komnyango lamemeza abesifazane ababehlakula ensimini engezansi kwesibaya. Labahlangabeza selitatazela labaholela exhibeni lihambe libabaza isimanga sokuthi lizwe into ekhalisa okwengane kodwa ethulayo uma liyibheka.
Ababesabele ikhwelo kwakuyimbokodo eyavele yethula amacansi emgibeni yathwishila imilenze, ifuna ukumunyungisisa kahle indaba ngoba nomoya wabe usuphezulu emntwini omdala. Kwathi esathi uyachaza, kwezwakala ngalelo lizwana futhi lisho ngengila endlini. Abanye bahlahla amehlo.
Omunye owayesebuntombini kwakuthi akaphume ngejubane ngenxa yokwethuka. Isaguga esisodwa saba nesibindi saqala sabheka, sisusa izinto ngalapho kuqhamuka khona umsindo. Nabanye basilandela - kwapeqululwa.
Isalukazi sagxavuna ibhodwe elalibekwe phezu kwamanye lingavaliwe ngci ngesidikiselo. Sathuka soma sibona usana olubovana lugoqwe ngetshali phakathi ebhodweni.
Kwacaca ukuthi hhayi ngoba zilishiya ikhehla, belizwa into ekhona.
Bashayisana ngamakhanda isikhashana, baphetha ngokuthatha umntwana bamgeza wafunelwa izimpahla zokugqoka nokokuthiba inkemane.
Kuthe izingane sezibuya esikoleni kwaqapheleka ukuthi enye ithuka icishe yome nxa ibona uninakhulu ephethe usana. Labhoboka lapho ithumba lokuthi yiyo ebizithwele yase izitetisa phakathi kwamabili. Kwashaqeka wonke umuntu, kwaba yindaba egudwini ebaleni ukuthi intombazanyana eneminyaka engu-17, ikhulelwe yangabonwa ngumuntu yaze yazitetisa - yafihla umntwana ebhodweni yavukela esikoleni!
Namuhla usana olwafakwa ebhodweni lukude kakhulu nempilo ngenxa yokungenelela komndeni ngoba nonina walo wazisola ngokwenza kwakhe.
Ngeledlule sibike ngonkk Cebile Nsele (66) wasenewtown A, enanda othe kuvuke amanxeba amadala kuye ethola usana lulahliwe njengoba ethi naye wehlelwa wumshophi ofanayo entshingwa ngunina enezinsuku ezintathu ezelwe.
Unkk Nsele uzithele phezu kwalo lushiyiwe kuveranda kamakhelwane. Kusolwe owesifazane oneminyaka engu-38 obeboshiwe kepha okubuye kwathiwa uzanyelwa usizo lwezenhlalakahle.
Kuhlaluke ukuthi owesifazane onezingane ezicela eshumini, ungumuntu oxakekile ngoba ezinye kazinazo izitifiketi zokuzalwa. Kuthiwa ezinye ubezitetisa yena ekhaya angabe esalubhada emtholampilo noma emnyangweni wezasekhaya okanye kwabezenhlalakahle.
Kusabalale namahemuhemu athe lo wesifazane ubengamazi uyise wengane yikho ekhethe ukuzitetisa ayilaxaze.
Kuyadumaza ukuthi esikhathini sanamuhla kunomuntu oncamela ukulahla amathumbu akhe ngoba exakekile. Kasikho kwasidingo sokuthi kuze kube nengane engahleliwe ngenxa yokuxhaphaka kwezinsiza zokuhlela imindeni. Ziningi izindlela zokuvika ukukhulelwa ezivuleleke kubo bonke ubulili ngokwehlukana kwazo.
Ngale kwalokho uma sekwenzekile futhi kuyinto ebingasophiwe zikhona izinhlelo zikahulumeni kwezenhlalakahle ukubhekela isimo esinjalo. Abasemagunyeni mabafundise ngalezi zinhlelo.
Nemindeni ikhona ukusiza nokweluleka yize abanye benenkolelo yokuthi eminingi seyafa ngenxa yokusuka ekudleni ngoludala. Lokhu kubonakala ngabantu abangasenabo nhlobo ubuntu. Ukutholakala kwezingane zilahlwe kuyichilo esintwini.
Simelwe wukuhlukana nomqondo wokuthi into embi eyenzeka komunye umuntu ayisithinti nxa emehlelayo engelona igazi lethu.
Uma ingane kamakhelwane ingena “ebuphareni” asipheze ukusizakala sithi kasingene. Siza umakhelwane ngongalekelela ngakho ukuba kuqoqeke ingane ngoba kusasa izoqhuba “ubuphara” bayo kuwe - ikumoshele impilo kade uthi kawuxhumi kawuxhasi.
Okhokho bethu babejule kakhulu ngesaga esithi umuntu ungumuntu ngabantu. Masazisane sinakekelane ukuze sigweme ukuthelwa ngamachaphazelo ezinto ebesithi kasihlangene nazo. Ngiyazi ukuthi kulula namuhla nokuhetshezwa unamekwe amagama anganambithisiseki nxa uzama ukusiza abanye abantu. Kepha bayingcosana abanganqaba usizo oluza ngesihe nobuntu.
Ngalo mbono ngiqonde ukuvukuza izingwevu nezinjula ukuba zilekelele ekubuyiseni ubuntu ngoba okwabezizwe kusenza amalulwane. Ngiyafisa kwande nokuxoxa ngokungaba yisixazululo ezigabeni ezehlukene zempilo. Injobo ithungelwa ebandla, akuliwe nesihlava sabalahla izingane.