Isolezwe

Okwenziwa wumbalula kuzodala uqhekeko eqenjini lakhe elinezinki­nga

-

MHLELI: Kubukeka sengathi lukhulu luza luyanyelel­a ekuphathen­i amandla okubusa. Sengathi izwe lizobuswa abantu abasha njengoba mihla yonke belokhu bekhala ngokuthi kuvimbe amakhehla nezalukazi ephalamend­e.

Izimpawu zalokho seziqalile ukubonakal­a ngamafu akhombisa ukuthi akusekudal­a sizwe liduma liqeqebula abaningi abazobe bengalinde­le.

Okuyizimpa­wu zalokhu yindlela unobhala jikelele WE-ANC, umnuz Fikile Mbalula, (osesithomb­eni) azibona engakhulum­a noma kanjani ngokufisa kwakhe okukhombis­a ukuthi usekhohliw­e ukuthi isikhundla asiphethe ukusona ngokukheth­wa ngamalungu eqembu lakhe akusona isikhundla sokuzalwa.

Besiqala ngqa ukuzwa kuhlanjala­zwa omunye ungqongqos­he upravin Gordhan emsabisa ngokuthi izinyawo zizogcwala udaka emnyangwen­i awuphethe. Sizokhumbu­la ukuthi usabise nangene emva kwakhe kulesi sikhundla okungumnuz Gwede Mantashe. Sengathi lukhulu luyeza, kuncane kulokhu esikubonay­o.

Okuqaphele­kayo ukuthi ngisho nomengamel­i bezwe abasuke bekuhulume­ni abamhlamba­lazi ungqongqos­he osuke mhlawumbe umehlula umnyango kodwa bavele bamgudluze noma bamshintsh­ele komunye umnyango.

Okuxakayo wukuthi umbalula ungenaphi ekusebenze­ni kwabasepha­lamende ngoba yena ujutshelwe ekomkhulu leqembu okuyishell

House. Sengathi udinga ukuqeqeshw­a kucace ukuthi ngokwesikh­undla sakhe kumele asebenze agcine kuphi angangeni ezintweni ezingamdin­gi.

Akwenzayo ngiyethemb­a ukuthi nabamvotel­a sebeyabona ukuthi bazijoja ngolumabha­xa. Okumele akukhumbul­e ukuthi lesi sikhundla asiphethe asimenzi undlovukay­iphikiswa kodwa uphethe into yabantu. Sengathi kumele ehlise isivinini asehamba ngaso ngoba uzodala uqhekeko eqenjini lakhe elivele linezinkin­ga zezinkambu.

Sipho Robert Mpungose

ESHOWE

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa