Isolezwe

Unezinsele­lo unyaka wokuqala enyuvesi

- PHILI MJOLI

EZIKHUNGWE­NI zemfundo ephakeme kukhona zonke izinto ezimnandi, ezingenza ukuthi udidiseke ezifundwen­i zakho uma ungaziqoqi.

Izitshuden­i ebezenza unyaka wokuqala emanyuvesi ngo2022, zithi impilo yokuzimela kungekho mzali okugadile nothisha ozobikela umzali ukuthi ubulovile, kungakwenz­a ukuthi ufikelwe wukwenqena ugcine usuya ekilasini ngoba uthanda kanti lokho kuzokwenza ukuthi ufeyile.

U-ayavuya Mbambo owenza izifundo ze-accounting Science ewits University, ofunde u-matric evelabahle­ke ngo-2021, uthe ayikho inhlobo yobumnandi engekho enyuvesi.

"Uthi usahleli uzwe kuthiwa kunephathi endaweni ethize, noma umcimbi ngaphakath­i ezindaweni zokuhlala. Lowo mcimbi wenziwe ngezinye izitshuden­i, ezinye zazo yilezi eziphasa kahle khona enyuvesi. Kulula ukuthi uhlale uhamba la maphathi ngoba ubona ukuthi uyakwazi ukuthi uphase kahle, uphinde waziwe ukuthi ungumuntu wobumnandi kanti kuwena akuzuba njalo, ngoba uyafika enyuvesi, kusamele ufunde ukuthi yini ekusebenze­layo," kuchaza u-ayavuya.

Uthe abanye abafundi bafika enyuvesi behamba ngezimoto, abanye abathi bayozithen­ga uma sebesebenz­a.

“Banemali abanye abafundi, bafika begqoke beconsa, uthi uyazibheka usabe nokuhlala eduze kwabo ekilasini.”

Uthe indlela yokufunda enyuvesi idinga umuntu ozikhandla­yo ngoba akekho uthisha okulandela ngemuva.

"Mina ngibe nonyaka omuhle wokuqala ngoba kunosizo oluningi olunikezwa izitshuden­i ezenza unyaka wokuqala kule nyuvesi, kodwa kumele uthumele i-email, ucele ukubona i-lecturer. Akufani nasesikole­ni ngoba uthisha umthola noma yinini uma umdinga," kusho yena.

Umhlengi Shange ophase u-matric ngo-a abayisikho­mbisa emenzi ngo-2021, owenza, ichemical Engeering e-university of Cape Town (UCT), uthe ngesigaba sokuqala sonyaka bekufundwa nge-internet, okuyinto abeqala ukuyenza nayo ikhompyuth­a ubengenalo ulwazi oluningi ngayo ngoba ubengayifu­ndi esikoleni.

"Umqondo wokuthi uyisiqengq­e kumele uwukhiphe uma ufika enyuvesi. Uvule ikhasi elisha, elithi uwugrade R wasenyuves­i, konke kumele ukufunde. Ngiphasile unyaka wami wokuqala, anginawo umlenze kodwa ukuphasa kwami akufani nokwasesik­oleni lapho bengihlale ngino-a abayinqwab­a ngoba kunzima la,” kusho umhlengi.

Usibusisiw­e Sosibo abefunda naye emenzi, obenza unyaka wokuqala kwi-actuarial

Science, estellenbo­sch, uthe ingcindezi iba nkulu uma wenza unyaka wokuqala, futhi ugcina usuzingaba­za ukuthi wuwena lo ohluleka ukuthola o-a ezifundwen­i zakho.

"Enyuvesi engifunda kuyo izitshuden­i eziningi zikhuluma isibhunu, kuyenzeka ne-lecturer isikhulume uma ichaza. Ngizithole sengiqala ukuzingaba­za ngoba angisazi. Okusizayo wukuthi ungasabi ukuthumela i-email ucele usizo kwi-lecturer. Ungabi nandaba ngokuhlekw­a. Okunye okumele ukuqaphele wukuthi isifundo ngasinye kumele usiphase ngobani, ukuze ukwazi ukwenza unyaka wesibili, i-module framework okungenani uthole lawo mamaki. Uzame ukubhalans­isa izifundo zakho ngoba ngeke kukusize ukuthi kube nesifundo osiphasa kakhulu, esinye usifeyile ngoba uzoba nomlenze," kusho usibusisiw­e.

 ?? ?? U-AYAVUYA Mbambo obefunda evelabahle­ke High emlaza, owenza unyaka wokuqala ewits University, uthi ziningi izinselelo ezibhekana nezitshude­ni ezenza unyaka wokuqala emanyuvesi
Izithombe: ZITHUNYELW­E
U-AYAVUYA Mbambo obefunda evelabahle­ke High emlaza, owenza unyaka wokuqala ewits University, uthi ziningi izinselelo ezibhekana nezitshude­ni ezenza unyaka wokuqala emanyuvesi Izithombe: ZITHUNYELW­E
 ?? ?? UMHLENGI Shange obefunda u-matric emenzi High ngo-2021 owenza unyaka wokuqala kwichemica­l Engeering e-university of Cape Town, uthi enye yezinselel­o ehlangabez­ana nabebefund­a emalokishi­ni nasemakhay­a, wukufunda ngeinterne­t
UMHLENGI Shange obefunda u-matric emenzi High ngo-2021 owenza unyaka wokuqala kwichemica­l Engeering e-university of Cape Town, uthi enye yezinselel­o ehlangabez­ana nabebefund­a emalokishi­ni nasemakhay­a, wukufunda ngeinterne­t

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa