Kukhalwa nxazonke ngokunyuka kukaphethroli
KUKHALWA nxazonke ngokunyuka kukaphethroli okuzoqala phakathi kwamabili namuhla. UMnyango wezaMandla nokuMbiwayo umemezele izolo ukuthi intengo yelitha likaphethroli, i-95 unleaded izonyuka ngoR2.57, kuthi i-93 unleaded inyuke ngoR2.37 ilitha.
Umnyango uthe udizili uzonyuka ngoR2.30 ilitha kanti upharafini wona uzonyuka ngoR1.66 ilitha.
Lokhu kusho ukuthi ilitha le-95 unleaded selizobiza uR25.99 ezindaweni ezigudle ugu, kuthi ezimaphakathi nezwe libize uR26.74.
I-93 unleaded izobiza uR26.31 ilitha bese kuthi ilitha likadizili libize uR22.63 ezindaweni ezigudle ulwandle, ubize uR23.63 kulezo ezimaphakathi nezwe.
UNksz Ntombikayise Ngcobo waseNanda, uthe kuzosinda kulesi simo ngoba bahola amakinati emsebenzini.
“Abaqashi abasikhuphuleli imali, ukudla kuyanyuka, asisakwazi ukufeza zonke izidingo zethu,” kusho uNksz Ngcobo.
Uthe okunzima kakhulu wukuthi kulesi simo banemindeni nezingane ebheke bona emehlweni.
“Sidonsa kanzima. Kwakhona ukugibela siye kuleyo misebenzi, kuzoba wumqansa,” kusho uNksz Ngcobo.
Umshayeli wetekisi ehamba emzileni osuka eThekwini uya KwaNongoma, uMnuz Thabiso Yaka, uthe okuba nzima kakhulu uma kufika isimo esikanje wukuthi imboni iyaye ikhuphule imali kubagibeli ukuzama ukuhlangabezana naso.
“Lokhu kusixabanisa nabagibeli,” kusho uYaka.
Ubuye waveza nokuthi lokhu kubathwalisa kanzima nakubaqashi babo ngoba basuke belindele ukuthi baqhubeke balethe imali ebajabulisayo uma kuphela usuku.
“Kuba kuwe-ke njengomshayeli ukuthi usebenza kanzima ukuze ukwazi ukujabulisa umqashi,” kusho uYaka.
UMnuz Mthokozisi Nxumalo waseVerulam, oziphilisa ngokudayisa ophaya, uthe kushaya kuzwele nakubadayisi ukunyuka kukaphethroli ngoba kusho ukunyuka kokudla.
“Ukunyuka kokudla kusho ukuthi inzuzo esizoyenza izokwehla ngoba konke kuhamba ngazo izimoto,” kusho uNxumalo.
Uveze ukuthi yena ubekade egibela ngoR40 ukuya nokubuya uma esuka
eVerulam eya eThekwini kodwa manje usegibela ngoR54.
“Ngeke ngisakwazi ukugcina zonke izidingo zomndeni wami ngoba isizoba ncane imali engenayo,” kusho uNxumalo.
UNksz Philile Mtshali uthe ukunyuka kukaphethroli kushaya kuzwele kubona abahola imiholo emincane.
“Vele imali esiyiholayo ayikho, bekuvele kunzima ukuthi ihlangabezane nazo zonke izidingo zethu. Manje kuzoba nzima kakhulu ngoba ayikho into engeke inyuke kusuka emalini yokugibela kuya ekudleni,” kusho uNksz Mtshali.
UMnyango uveze uthi ukunyuka kukaphethroli kwenziwe ngamanani kawoyela ongahluziwe anyuke ngenyanga edlule nokuntengantenga kwamandla eRandi.