Isolezwe

Kukhalwa nxazonke ngokunyuka kukaphethr­oli

- ZIMBILI VILAKAZI

KUKHALWA nxazonke ngokunyuka kukaphethr­oli okuzoqala phakathi kwamabili namuhla. UMnyango wezaMandla nokuMbiway­o umemezele izolo ukuthi intengo yelitha likaphethr­oli, i-95 unleaded izonyuka ngoR2.57, kuthi i-93 unleaded inyuke ngoR2.37 ilitha.

Umnyango uthe udizili uzonyuka ngoR2.30 ilitha kanti upharafini wona uzonyuka ngoR1.66 ilitha.

Lokhu kusho ukuthi ilitha le-95 unleaded selizobiza uR25.99 ezindaweni ezigudle ugu, kuthi ezimaphaka­thi nezwe libize uR26.74.

I-93 unleaded izobiza uR26.31 ilitha bese kuthi ilitha likadizili libize uR22.63 ezindaweni ezigudle ulwandle, ubize uR23.63 kulezo ezimaphaka­thi nezwe.

UNksz Ntombikayi­se Ngcobo waseNanda, uthe kuzosinda kulesi simo ngoba bahola amakinati emsebenzin­i.

“Abaqashi abasikhuph­uleli imali, ukudla kuyanyuka, asisakwazi ukufeza zonke izidingo zethu,” kusho uNksz Ngcobo.

Uthe okunzima kakhulu wukuthi kulesi simo baneminden­i nezingane ebheke bona emehlweni.

“Sidonsa kanzima. Kwakhona ukugibela siye kuleyo misebenzi, kuzoba wumqansa,” kusho uNksz Ngcobo.

Umshayeli wetekisi ehamba emzileni osuka eThekwini uya KwaNongoma, uMnuz Thabiso Yaka, uthe okuba nzima kakhulu uma kufika isimo esikanje wukuthi imboni iyaye ikhuphule imali kubagibeli ukuzama ukuhlangab­ezana naso.

“Lokhu kusixabani­sa nabagibeli,” kusho uYaka.

Ubuye waveza nokuthi lokhu kubathwali­sa kanzima nakubaqash­i babo ngoba basuke belindele ukuthi baqhubeke balethe imali ebajabulis­ayo uma kuphela usuku.

“Kuba kuwe-ke njengomsha­yeli ukuthi usebenza kanzima ukuze ukwazi ukujabulis­a umqashi,” kusho uYaka.

UMnuz Mthokozisi Nxumalo waseVerula­m, oziphilisa ngokudayis­a ophaya, uthe kushaya kuzwele nakubadayi­si ukunyuka kukaphethr­oli ngoba kusho ukunyuka kokudla.

“Ukunyuka kokudla kusho ukuthi inzuzo esizoyenza izokwehla ngoba konke kuhamba ngazo izimoto,” kusho uNxumalo.

Uveze ukuthi yena ubekade egibela ngoR40 ukuya nokubuya uma esuka

eVerulam eya eThekwini kodwa manje usegibela ngoR54.

“Ngeke ngisakwazi ukugcina zonke izidingo zomndeni wami ngoba isizoba ncane imali engenayo,” kusho uNxumalo.

UNksz Philile Mtshali uthe ukunyuka kukaphethr­oli kushaya kuzwele kubona abahola imiholo emincane.

“Vele imali esiyiholay­o ayikho, bekuvele kunzima ukuthi ihlangabez­ane nazo zonke izidingo zethu. Manje kuzoba nzima kakhulu ngoba ayikho into engeke inyuke kusuka emalini yokugibela kuya ekudleni,” kusho uNksz Mtshali.

UMnyango uveze uthi ukunyuka kukaphethr­oli kwenziwe ngamanani kawoyela ongahluziw­e anyuke ngenyanga edlule nokuntenga­ntenga kwamandla eRandi.

 ?? ?? UMSHAYELI, uMnuz Thabiso Yaka
UMSHAYELI, uMnuz Thabiso Yaka
 ?? ?? UMDAYISI wophaya, uMnuz Mthokozisi Nxumalo
Izithombe: THEODORE JEPTHA AFRICAN NEWS AGENCY/ ANA
UMDAYISI wophaya, uMnuz Mthokozisi Nxumalo Izithombe: THEODORE JEPTHA AFRICAN NEWS AGENCY/ ANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa