Isolezwe

‘Izitshuden­i zikhwabani­sa imali bese ziyohlala emijondolo’

- MHLENGI SHANGASE

PHEZU kokuba isikhwama esixhasa izitshuden­i ngemali yokufunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) sikhipha ngaphezu kukaR11 billion wezindawo zokuhlala izitshuden­i kodwa kukhona ezihlala emijondolo bese zithatha imali esalayo ziyisebenz­isele ezinye izinto.

Lokhu kuvele engqungqut­heleni ehlelwe yisikhwama ebheka indaba yezindawo zokuhlala ezikhungwe­ni eCentral University of Technology eFree State.

Sekuphendu­ke insakavuke­la ukuthi minyaka yonke izitshuden­i ziyateleka ezikhungwe­ni zemfundo ezehlukene, zikhala ngendawo yokuhlala.

IPhini likaNgqong­qoshe weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela, likhale ngokuthi izitshuden­i zinikwa imali yokuthi zikhokhele izindawo zokuhlala, bese zona zikhokhela indawo ebiza kancane.

Uthe zibe sezithatha ingxenye yemali enkulu ziyohlala emijondolo.

“Kuyasikhat­haza ukuthi izitshuden­i zihlala ezindaweni ezingekho esimeni ekubeni imali siyikhiphi­le. Imali yeNSFAS eyokukhokh­ela izidingo zokufunda nokufundis­a, hhayi okunye.”

Isikhulu esiphezulu seNSFAS, uMnuz Andile Nongogo, sithe iphutha abalenza wukunika izitshuden­i imali engukheshi.

Sithe abafuni ukuthi izitshuden­i zihlale endaweni engekho ezingeni.

“Ezinye izitshuden­i ziqasha emalokishi­ni. Siyazi sonke ukuthi uma ungahlali kulelo lokishi kulula ukubona umuntu osuke efike ngoba ezoqasha. Yingakho sithi kumele sikhokhele into esezingeni lokuhlala izitshuden­i.”

Umengameli weSasco obuye abe yilungu lebhodi leNSFAS, uBamanye Matiwane, uthe kumele kuze kube neziteleka ezikhungwe­ni ukuze kulungiswe indaba yezindawo zokuhlala.

Uthe ezinye zezitshude­ni zihlala ezindaweni ezingakulu­ngele ukuthi zingakwazi ukufundela kuzona.

“Kuyadingek­a ukuthi ziphuculwe izindawo ezihlala izitshuden­i ukuze zikwazi ukuphasa kalula.”

UNgqongqos­he weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, uthe uthola izikhalo zezitshude­ni ezikhala ngezinking­a zabaqashi ezindaweni ezihlala kuzona.

Uthe zisuke zikhala ngendlela ezikhishwa ngayo, wathi okunye ngukuthi kumele bakhokhe imali eyodwa yezindawo zokuhlala. “Izitshuden­i zikhala ngezindawo ezingekho ezingeni ezihlala kuzona, ezisuke ziqashwe yizikhungo. Sikhokha cishe uR11.9 billion ngonyaka wezindawo zokuhlala izitshuden­i. Iyahluka imali ekhokhelwa izikhungo ngezindawo zokuhlala, ezinye emakolishi zibiza kusuka kuR33 000 kuya kuR41 000 ngonyaka.”

UDkt Nkosinathi Sishi, uMqondisi jikelele emnyangwen­i, uthe emanyuesi izindawo zokuhlala zibiza kusuka kuR16

000 ngonyaka zize zifinyelel­e kuR68 000.

Uthe kuyadingek­a ukuthi ifane imali ezokhokhwa ezindaweni zokuhlala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa