Ukuboshwa kwami kungikhumbuza ubandlululo - Zuma
OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Jacob Zuma, ufanise ukuboshwa kwakhe kwakamuva nezenzo zikahulumeni wobandlululo, ayezenza kubaholi ababelwela inkululeko.
UZuma uthe ukugwetshwa kwakhe ngaphandle kokuthi kuqulwe icala enkantolo kufana ncamashi nalokho okwakwenziwa uhulumeni wobandlululo owayebabophela endlini, aphinde avale imilomo labo ababelwela inkululeko.
Usho kanje izolo ekhuluma nabalandeli bakhe ngesikhathi kunomkhuleko wokumamukela njengoba esanda kukhishwa ejele. Umkhuleko ubusePeople’s Park, eThekwini.
UZuma ukhulume nabebezothandaza esebenzisa ezobuchwepheshe ngoba akazange afike. Bekungokokuqala ekhuluma nabalandeli bakhe selokhu adedelwa ngoshwele wokugula ngenyanga eyedlule. Utshele abebehambele umkhuleko ukuthi isimo abhekene naso sinzima.
UZuma usanda kudedelwa ngoshwele wokugula esadonse izinyanga ezimbili zesigwebo sezinyanga ezingu-15.
“Yize ngiphumile ejele, kepha ngibekelwe imibandela eqinile. Lesi simo singikhumbuza ukuboshelwa ezindlini nokuvalwa imilomo kwabaholi ababelwela inkululeko, nohulumeni wobandlululo.”
UZuma uthe okumzwisa ubuhlungu ukuthi amalungelo akhe anyathelwe nguhulumeni ophethwe ngabantu, okufanele ngabe bayazi ukuthi kubuhlungu kangakanani ukucindezelwa wuhulumeni.
UMsholozi wagwetshwelwa icala lokudelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo, emva kokwenqaba kwakhe ukuyokwephendula imibuzo phambi kweKhomishini ephenya iziNsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
Namanje uZuma usamile ekutheni kwanyathelwa amalungelo akhe ngesikhathi eboshwa.
“Lo hulumeni ungigwebele icala lokwedelela umyalelo wenkantolo ngaphandle kokuthi ngivele enkantolo. Konakele kuleli lizwe.”
Lo mkhuleko ucishe wadungwa isivunguvungu somoya ophoqe ukuthi izicukuthwane zicelwe ukuba zehle esiteji ngoba bevikela okungenzeka uma singase siphephuke.
Kanjalo nabebesematendeni baphume beqhasha ngesikhathi kuvunguza umoya, besabela ukuthi angase awe. Iningi labalandeli bakaZuma lihambe ngaphambi kokuthi akhulume ngenxa yomoya. Abebehambele umkhuleko bathe bajabule ukuthi uZuma uphume ejele esadla anhlamvana.
Omunye wabethule inkulumo, uMnuz Caesar Nongqunga, uthe bebebambe umoya ngoZuma njengoba ebesejele.
“Emajele kunophoyizeni abachelwayo ukuze umuntu ozongena afike ahogele wona. Siyabonga ukuthi ubuye ejele ephila.”
Abalandeli bakaZuma bathe makabuye azohola i-ANC. Omunye wabahamba phambili ekwesekeni uZuma, uMnuz Nkosentsha Shezi, uthe uZuma washiya engakawufezi umsebenzi wakhe.
“Siyakudinga ukuba ubuye uzohola i-ANC. Kuningi osengakwenzela inhlangano.”
UShezi ufanise usuku lwayizolo noKhisimusi.
“Ngendlela esijabule ngayo, lolo suku lufana noKhisimusi kuthina bantu abamnyama.”
Kulo mkhuleko kubonakale nabangaphandle ngebheyili nabasolwa ngokugqugquzela izibhelu, nabaholi be-ANC abeseka uMsholozi.