Niwuthunazelani ngemashi umsebenzi kaBhombela?
MHLELI: Kuyadabukisa ukubona ibandla elihlonishwa umhlaba wonke nelasungulwa nguMprophethi Mdliwamafa Isaiah "Bhombela“Shembe, seligcwele izimbungulu ezicashe ngeminazaretha. Nokungenadosi sekuyazenzela nje!
Ngiphawula ngokhukhulelangoqo wemashi yamaNazaretha abebhikisha ezitaladini zeTheku, ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Angiqondi ukuthi lihlanganaphi iTheku, i-ANC nohulumeni ngezikhalo zababhikishi. Ngabe kungcono ukuba bebebhikisha ezinkantolo ezakhipha izinqumo.
Abadala bebandla bakukhuza lokhu bathi kuzohlambalaza ibandla, ikakhulu ngoba kwakubhikishwa kufakwe izevatho zebandla. Abazange balalele. Nezikhulumi ezazikhuluma, zavele zabhimba.
Ngimangazwa nguMnuz Nkosinathi Makhanya owakhuluma nabezindaba, wasabisa i-ANC ngokuthi uma ingangeneleli izolahlekelwa ngamavoti. Ihlangana kuphi i-ANC nezinqumo zenkantolo? Ulwenze nini ucwaningo lokuthi iningi lamaNazaretha liyi-ANC? Nguyena oyi-ANC futhi akulona icala lokho, okubi ngukufaka ibandla kwezombusazwe.
UMprofethi A K. Nyangayezulu wamaNazaretha, wayethi akangangeni kwezombusazwe.
Kuyadumaza-ke uma esetshela izwe ukuthi i-ANC yesekwe yiningi lamaNazaretha. Uwuthunazelani umsebenzi kaBhombela?
Ngabe uMnuz Thokozani Mncwabe, engingamazi, ukhulumela ibandla ngoba ubengenalo ulimi olunempi njengoba sizwa izinkulumo zabanye zibhodla umlilo? Kunesihlabelo esithi:"Abantwana bakaNkulunkulu bayathandana futhi abaxabani” Kumanje bayaxabana. Mabangazibizi ngokuthi bangantwana bakaNkulunkulu uma bexabana ngoba uMdali akabafuni abantu abalwayo, nabaxabanayo.
INhlalisuthi ESHOWE