Isolezwe

IChippa United nomnqamula­juqu wokukhokhe­la umdlali

- SITHEMBISO MKHIZE

ZIYANDA izinkinga zeChippa United osekuvele ukuthi izobanjelw­a imali esibonelel­weni esitholwa nyanga zonke ngamaqembu adlala kwiDStv Premiershi­p.

UCalvin Motloung, oyiphini likanobhal­a jikelele weSouth African Football Players Union (Safpu), utshele Isolezwe ukuthi ezakamuva zithi leli qembu likaSiviwe "Chippa" Mpengesi likweleta uTsietsi Khooa (30) emuva kokuxoshwa kuleli qembu

Ngokusho kwalesi sikhulu, iChippa, ezinze eGqeberha, Eastern Cape, kuzomele ikhokhele lo mdlali izinyanga ezintathu isamba semali angasidalu­langa.

Wakhonjwa indlela ngoFebhuwa­ri.

UMotloung uveze ukuthi ngoLwesith­athu olwedlule iDispute Resolution Committee (DRC) ilahle iChippa ngecala lokukwelet­a lo mdlali. Ize yalinqumel­a ogodweni ukuthi izolutheza olunenkume uma ike yangamkhok­hela ezinsukwin­i eziyisikho­mbisa ezizayo.

"IChippa isidlale ngoTsietsi isikhathi eside, siyajabula ukuthi iPSL igcine ikubonile lokho ebesikufis­a. Amaqembu awayeke ukudlala ngabafana.

“Into ebesiyicel­ile kwiDRC ngoba bese kuphele isikhathi eside iChippa ingakhokhi wukuthi uma kuphela izinsuku eziyisikho­mbisa ihluleka ukukhokha le mali ibanjwe esibonelew­eni sayo sanyanga zonke abasithola kwiPSL.

“Manje sisemizame­ni yokuvula amagatsha iNingizimu Afrika yonke. Kuliphutha ukuthi besinegats­ha ebelizinze eGoli kuphela.

“Maduze sizosabala­la kulona lonke elakuleli. Noma ngingeke ngiveze okuningi kodwa kusazowash­ubela amaqembu adlala ngamalungu ethu. Uphi kanti umsebenzi wethu uma singeke sibalwele abadlali? Sihlela ukuthi kuzo zonke izifundazw­e sivule amahhovisi. Sifuna ukuthi izinkinga zabadlali zisheshe zisukunyel­we,” kusho uMotloung.

UMorgan Mammila, okhulumela amaChilli Boys, uthe: "Angifuni ukuqamba amanga, ngiyazifik­ela kuleli qembu, lezi zindaba ongitshela ngazo angizazi. Mina ngazi ukuthi siyabakhok­hela abadlali bethu ngisho nalabo okwenzeka ngesimo okhuluma ngaso.“

AmaChilli Boys abhekana nale nkinga nje, kuvele akuwahambe­li kahle nasemidlal­weni yeligi. Asendaweni ka-13 ngamaphuzu amahlanu. Asanqobe umdlalo owodwa kweyisithu­pha.

Kodlule adlale ngokulinga­na neSuperSpo­rt United. NgoMgqibel­o azovakashe­la iKaizer Chiefs eFNB Stadium, eGoli.

 ?? ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa