Isolezwe

Bahlaliswe lubhojozi yizigebeng­u eWaterloo

- SIMPHIWE NGUBANE

ASESABA ukuphuma ezindlini ahambe emigwaqwen­i amalungu omphakathi waseWaterl­oo, ngaseVerul­am, akhala ngokuhlali­swa lubhojozi yizinswela­boya ezibamba inkunzi, zigqekeze imizi, zithumbe abantu kokunye zibadubule zibabulale.

Muva nje, kubanjwe inkunzi iphoyisa likaMasipa­la weTheku, endaweni edayisa inyama, laphucwa isibhamu nesikhwama semali.

Abamele umphakathi bahlangane nobuholi bamaphoyis­a esiteshini saseVerula­m, ngoLwesihl­anu emini bahambisa uhlu lwezikhalo.

Abahlali banengwa ukwanda kwezigamek­o zobugebeng­u ngesivinin­i esethusayo iningi lazo ezenzeka emini kwabha kubuka nezingane.

Bathi abasasabi amaphara kuphela kodwa sebesaba nanoma iyiphi imoto ehamba abantu abangaziwa endaweni. Kuthiwa imoto ivele ime eduze kwakho emgwaqweni kwehle abantu bakudumele.

Omunye wezakhamuz­i saseWaterl­oo obengumhol­i wemashi, uNksz Kholeka Mtolo, uthe inkunzi ibanjwa phakathi etekisini, izigebengu ezizenza abagibeli.

“Sesisaba izimoto ngoba asazi ukuthi iyona yiphi ezokubamba inkunzi ngoba ayiyodwa, ziningi ziyashints­hana. Abasebenzi abahamba ngamatekis­i bathi kugibela abafana abane bazenze abagibeli abakhipha ucwazi baphuce abantu imali, izikhwama, ama-weave behle bangene emotweni bahambe,” kusho uNksz Mtolo.

Abebemasha bakhala ngokungabo­nakali kwamaphoyi­sa azulazula eWaterloo, eqaphe ubugebengu. Bathi isiteshi sibatshela ukuthi sishodelwa amaphoyisa nezimoto uma bebika ngobugeben­gu.

Lokhu kubangelwa ukuthi lesi siteshi sibhekelel­e imiphakath­i eminingi kakhulu eyakhele iVerulam namaphethe­lo.

Umphakathi uthe okungenani akufakwe isiteshi esingumaha­mba nendlwana eWaterloo futhi amaphoyisa abonakale endaweni.

Bathe ngemashi bebedonsa amehlo kaKhomisha­na wamaPhoyis­a KwaZulu-Natal, uLieutenan­t General Nhlanhla Mkhwanazi noNgqongqo­she wamaPhoyis­a uMnuz Bheki Cele, ukuba bangenelel­e.

Osigaxamab­hande abangaphat­hi balesi siteshi bathathe incwadi enohlu lwezikhalo bathembisa ukuthi bazoyidlul­isela ebuholini bamaphoyis­a esifundeni saseThekwi­ni.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ?? UNKSZ Kholeka Mtolo namaphoyis­a asesiteshi­ni saseVerula­m, bemukela uhlu lwezikhalo zomphakath­i okhala ngobugeben­gu Isithombe: SITHUNYELW­E
UNKSZ Kholeka Mtolo namaphoyis­a asesiteshi­ni saseVerula­m, bemukela uhlu lwezikhalo zomphakath­i okhala ngobugeben­gu Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa