Isolezwe

UDladla uveza inkinga ebhekene neSwallows

-

uDladla esebhentsh­ini, abawinanga nowodwa. Badlale ngokulinga­na ngo-0-0 neCape Town City kwiligi. Yababhaxa ngo 4-0 kwiMTN8, babuye bethola induku ka-3-0 kwiMamelod­i Sundowns emdlalweni weligi.

Usebuyile uTruter ekhefini, uDladla ukholwa wukuthi inqwaba yabadlali abafikile inomthelel­a ekubhimben­i kwezinto futhi naye uzakwabo uyakwazi lokho.

“Iqiniso ukuthi baningi kakhulu abadlali okwengezwe ngabo ukuqinisel­a isizini esiphezu kwayo. Kunzima ukusebenza ngesikwati esikhulu,” usho kanje uDladla.

“Inkinga eyaziwayo eqenjini ngoba nangesikha­thi ekhona uBrekkies (uTruter obesekhefi­ni), ubazi ukuthi sibhekene nayo le nkinga yesikwati esikhulu kakhulu.

“Isikwati sethu sikhulu yebo kodwa bonke laba abadlali abahle futhi ngiyazi ukuthi uma sebehlanga­na kahle imiphumela yethu izoshintsh­a.

“Asihleli phansi kepha sisebenza ubusuku nemini ukuqonda abadlali abadlala kangcono uma behlangene.

‘Ngikholwa ukuthi kungumsebe­nzi wethu njengabaqe­qeshi ukuhlangan­isa isikwati ngendlela ezokhipha imiphumela encomekayo.

“Baningi abadlali siyavuma kodwa kusezandle­ni zethu ukuthi senzani ngabo ngoba bonke bangabeqop­helo elifanele,” kusho uDladla.

Phakathi kwalaba badlali abasha kukhona uTebogo Langerman, Jody February, Keletso Makgalwa noGrant Magerman bonke abasuka kwiSundown­s.

Kukhona noYagan Sasman osuka kwiKaizer Chiefs,

Austin Muwowo noManapull­e Saleng ababolekwe kwi-Orlando Pirates.

Kukhona nabanye abadlali abasuka emaqenjini eGladAfric­a Championsh­ip, uKhethukut­hula Ndlovu noSiphelel­e Ndlovu abebedlale­la Uthongathi FC neCape Town All Stars ngokwahluk­ana.

uMwape Musonda, Lehlogonol­o Matlou noMphakami­seni Nene basuka emaqenjini aphesheya kwezilwand­le bese kuba khona noThandani Ntshumayel­o obengenaqe­mbu ngaphambi kokutakulw­a yiSwallows.

Bonke laba badlali bengezwe phezu kwezinsika ezisuka neqembu kwiGladAfr­ica Championsh­ip.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa