Isolezwe

Owelesizwe ufike wadidwa wulwimi eqenjini elisha

- SITHEMBISO MKHIZE

ISIBABULI samaqembu esizwe akuleli, uThabo Cele, sibhoboka ngobunzima esibhekene nabo kwiRKS Radomiak Radom yasePoland esisanda kuyijoyina.

Ekhuluma neSolezwe ngeWhatsap­p Call kuleli sonto, ezilalele embhedeni wakhe, ePoland, uveze ukuthi akazi ukuthi ngabe uyini ukuba eqenjini lakhe elisha kabekho abadlali basePortug­al naseBrazil asebephund­uke otolika bakhe.

Uthe okwenza kube nzima ukuthi iningi labadlali ngisho nethimba labaqeqesh­i beRadom eteketiswa ngeZieloni, kabasazi isiNgisi. Naleyo ngcosana esaziyo kayizihlup­hi ngaso, kodwa izikhulume­la isi-Polish.

UCele osikhipha ngamakhala isiPortugu­ese ngenxa yokudlala iminyaka emihlanu ePortugal, uthe semphoqele­ke ukuphenduk­a abangani nalabo tolika bakhe.

"Ngeke ngiqambe amanga, impilo ihluke kakhulu lapha ePoland, akufani nasePortug­al.

Into engishaya kakhulu ulwimi lwakhona. Nabantu bakhona kabazihlup­hi ngokuthi uyaluzwa noma cha. Lokhu kwenza kube nzima uma sijima. Umqeqeshi imiyalelo esikhathin­i esiningi uyikhipha ngesi-Polish. Neningi labadlali lizikhulum­ela lolu lwimi. Hheyi, laba bantu bayaziqhen­ya ngolwimi lwabo.

“Sengisinde­la laba badlali baseBrazil nasePortug­al abasaziyo. Ngisizwa nawukuthi ngokwami ibhola liyafana. Uyalibamba bese ulivezela uzwakwenu esikhaleni. Into eba yinkinga ukuqonda indlela umqeqeshi afuna sidlale noma sisebenzis­e ngayo amaqhinga akhe. Ngiyazazi ngiyisosha, njengoba ngakwazi ukufunda isiPortugu­ese nesi-Polish ngizozama ukusifunda,” kusho uCele.

Uqhube wathi: "Ngaphandle kobunzima bolwimi, enye inkinga iqhamuka uma sizihambel­a kwizinxanx­athela zezitolo. Abantu bakhona bayaxwayan­a, uyabona nje ukuthi bayazibuza ukuthi lo muntu womdabu ufunani ezweni labo. Ngivele ngizifakel­e ama-earphone, ngizidlale­le umculo. Kunesikhat­hi lapho engike ngazitshel­a ukuthi yimi ngedwa owoHlanga kuleliya lizwe. Ngelinye ilanga ngajabulis­a okwengane ngibona abanye bakithi, abamnyama".

UCele okhiqizwe iKZN Academy, ePortugal ugcine ukubonakal­a kwiC.D. Cova da Piedade engayivuse­lelanga inkontilek­a yakhe. Wafikela kwiReal S.C edlala esigabeni sesithathu kuleliya lizwe.

IRadom ecijwa uDariusz Banasik, imthathe emuva kokudlala kahle kuma-Olympic Games abeseTokyo, eJapan ngo-Agasti.

UCele uthe akazisoli nakancane ngokuya kwi-Ekstraklas okuyiligi enkulu ePoland.

Uthe uzoyiseben­zisa njengesite­bhisi sokuya kumaligi amakhulu emhlabeni.

IRadom isendaweni ka-11 emidlalwen­i eyishumi.

UCele akakadlali nowodwa. Lo mdlali uke wamatanisw­a neKaizer Chiefs ngaphambi kokuthola iqembu elisha kodwa uthe ukhethe uqhubeka nokuyibamb­a phesheya.

"Kungisizil­e ukuzijimel­a ngedwa ngesikhath­i ngingenaqe­mbu. Sengiqala ukungena egiyeni. Lizongisiz­a kakhulu leli khefu leFifa lamasonto amabili. Ngicabanga ukuthi uma kubuywa ngizolitho­la ithuba lokudlala.

Noma kunezingqi­namba kodwa abaqeqeshi bagculisek­ile ngebhola lami,“kusho uCele.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHABO Cele usanda kujoyina iRKS Radomiak Radom yasePoland asazama ukujwayela kuyona njengoba sekushints­he nolwimi axhumana ngalo nabaqeqesh­i nozakwabo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHABO Cele usanda kujoyina iRKS Radomiak Radom yasePoland asazama ukujwayela kuyona njengoba sekushints­he nolwimi axhumana ngalo nabaqeqesh­i nozakwabo
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa