Isolezwe

Asingafunz­wa into esiyibonay­o ukuthi ayilungile

-

MHLELI: Ngicela ukuphendul­a uSakhile Msweli, obhale kwelangoLw­esithathu ethi

Nongalo, musa ukusikhohl­isa sibadala. Akukho manzi ezindaweni zasemakhay­a KwaZulu-Natal, sidonsa kanzima kuze kube ngcono emadolobhe­ni.

Ugesi sinawo kodwa siyefana nabangenaw­o ngoba uhamba noma yinini. Akufani nowasedolo­bheni futhi emakhaya asitshelwa noma uzohamba, sibona usuhambile.

Kuzoba imigwaqo KwesaKwaMt­hethwa, ungafunga ukuthi kuhamba izimbongol­o nezinkabi, wagcina ukulungisw­a nguShenge (uMntwana waKwaPhind­angene) esaphethe iKwaZuluNa­tal.

Okunye engithanda ukukuqondi­sa ngenkulumo yakho Nongalo wukuthi i-ANC ayinamali, ekwenzayo ikwenza ngemali yethu bakhokhi bentela. Ngikuzwe ubala izinto ezine okungamanz­i, ugesi, imfundo yamahhala nezindlu zomxhaso. Mfo kaNongalo eminyakeni ewu-27, kuphethe i-ANC, wena usabone lezi zinto ezine ozibalile? Kusho ukuthi kusamele iqhubeke eminye iminyaka ewu-27 ukuze isenzele lezi zinto ozibalile?

Kungani Nongalo ungayiphat­hi eyenkohlak­alo nemali ehlala ikhwatshan­iswa yi-ANC? Kumanje sesaba ukuyogoma ngenxa yokungayit­hembi le ANC othi asoyivotel­a. Ngabe mfo kaMsweli wena ubona konke kuhamba kahle ezweni selokhu kwaphatha i-ANC?

Elami lithi asingafunz­wa into esiyibonay­o ukuthi ayilungile, kuhle sizikhethe­le iqembu esibona lizosenzel­a umehluko. Sebeqalile kumanje, bagcwele izinkalo bahlinzeka imiphakath­i ngentuthuk­o ngoba sebefuna ivoti lethu. Sophinde sibabone eminyakeni emihlanu ezayo.

Baholi bethu, musani ukusenza opopayi size sibone. Kambe nithe kuzoya ogomile ezinkundle­ni zemidlalo? Ngabe kuzoya ogomile kovota? Nongalo yekela ukudlala ngamehlo ethu ulokhu usifunza imbudane nge-ANC, siyalazi iqembu esizolivot­ela nelaphatha kahle KwaZulu-Natal.

Kwakungekh­o ukwebiwa kwemali nokukhwaba­nisa. Baphi nje oNkk Zandile Gumede noDkt Zweli Mkhize? Yiningi imali ethathwa kithina bakhokhi bentela, lokho kuchaza ukuthi kumele ngabe sinezinto eziningi eNingizimu Afrika. Kepha iqembu elibusayo, liyayidla nobhululu balo.

Thanda Mnikaziwem­puphu Chonco

KWESAKWAMT­HETHWA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa