Isolezwe

Bavale amasango abazali befuna othisha

- PHILI MJOLI

BAVALE amasango esikole abazali bezingane ezifunda eQuarry Heights Primary, eNewlands East, eThekwini, bethi kunamakila­si amabili kulesi sikole angenabo othisha.

Abazali bathe amakilasi amabili kaGrade1 awanabo othisha kusukela kuvulwe izikole ngoFebhuwa­ri, umhloli uthi ukwenze konke ukuze isikole sithole othisha.

UMnuz Khethukuth­ula Jaca osesigungw­ini esilawula isikole, iSchool Governing Body (SGB), uthe awukho umgudu abangawula­ndelile kodwa abasizakal­i yingakho sebekhethe ukuvala amasango ukuze kufike umhloli azochazela bonke abazali ukuthi yini abambile.

"Othisha abebekhona nyakenye omunye uthole umsebenzi kwesinye isikole, obeyitoho inkontilek­a yakhe yanqanyulw­a ngoDisemba. Sinabo othisha kwaGrade 1 ebebengeny­uselwa kuleli kilasi kodwa besingafun­i ukuthi kube yithina esitshela umnyango ukuthi awenzeni ngoba thina sifuna othisha. Besinethem­ba lokuthi sizobathol­a njengoba kade kususwa othisha ezikoleni ezinabafun­di abancane beyiswa kwezinabaf­undi abaningi, akwenzekan­ga lokho,” kusho yena.

Omunye wabazali uthe bakhokhela omalume ukuthi balethe izingane esikoleni zifike zihlale kungekho thisha ozifundisa­yo.

UJaca uthe uthishanhl­oko iqhinga abengalenz­a elokuthi laba bafundi bafakwe kwamanye amakilasi anabo othisha inkinga ukuthi ikilasi ngalinye linesibalo esithile sabafundi okumele lisithathe ngoba kuneCovid-19.

"Lezi zingane ezihlala zodwa emakilasin­i zisengcuph­eni yokuthi zithelelan­e ngeCovid-19 njengoba engekho umuntu ozibhekile. Uma sithi uthisha akaphume ekilasini lakhe ayofundisa lezi zingane, uma kuba nenkinga esaphumile angaba senkingeni," kusho yena.

Abazali bagcine sebevale umgwaqo omkhulu ohamba izimoto odlula kule ndawo ngoba bethi uthishanhl­oko akafiki.

UMnuz Muzi Mahlambi okhulumela umnyango, uthe bayasigxek­a isenzo sabazali sokuphazam­isa nezinye izingane ezinabo othisha ngoba befuna othisha.

“Bekumele benze uhlelo lokuthi bathumele abazali abambalwa abazoya kothola isixazulul­o emnyangwen­i. Ukuvala isikole nomgwaqo akuyona indlela eyiyo yokulungis­a izinto. Sizobheka ukuthi yini ebambe ukuthi lesi sikole sithole othisha kuze kuhambe isikhathi eside kangaka,” kusho yena.

 ??  ??
 ?? Isithombe: PHILI MJOLI ?? ABAZALI bezingane ezifunda eQuarry Heights Primary bemasha ngaphandle kwesikole izolo
Isithombe: PHILI MJOLI ABAZALI bezingane ezifunda eQuarry Heights Primary bemasha ngaphandle kwesikole izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa