Isolezwe

Akulula ukuthola ijezi kwiDowns: Mshishi

- NDUDUZO DLADLA

ISIBABULI seMamelodi Sundowns neBafana Bafana uThemba “Mshishi” Zwane, sidalula ubunzima bokuthola ijezi eqenjini elinabadla­li abanekhono njengamaBr­azilians njengoba kudinga ukuzimisel­a nokuzinake­kela. Izolo uZwane uhlabane ngomklomel­o wokuba ngumdlali ovelele kwiDStv Premiershi­p phakathi kuka-Okthoba noNovemba. Selokhu kuqale isizini usevalele phakathi amagoli ayisithuph­a, emidlalwen­i eyisithuph­a yeligi.

Umqeqeshi weSwallows FC uBrendon Truter, uhlabane ngomklomel­o womqeqeshi ovelele ku-Okthoba noNovemba. Kuze kube manje Izinyoni aziyazi induku kwiPremier­ship, ekubeni kuyisizini yazo yokuqala esigabeni esiphezulu ngemuva kweminyaka zagcina ukubonakal­a kulesi sigaba.

UZwane uthe uyakujabul­ela ukuwola izicoco ngayedwana, kanjalo njengeqemb­u kodwa wathi akulula neze ukuthola ijezi nsuku zonke kwiSundown­s. Ngesizini edlule lo mdlali ubeyiMidfi­elder of the Season, Footballer of the Season nePlayer’s Player of the Season.

“Ukuziphath­a kahle, ukulalela nokusebenz­a ngokuzimis­ela yizinto okumele zikubuse uma ungumdlali weSundowns. Kubaluleki­le nokulala, uphumule kahle ngoba imidlalo miningi ngakho kumele ngakusasa uvuke unomdlandl­a,” usho kanje uZwane.

Ebuzwa ukuthi ngabe uzokwazi yini ukuvikela zonke izicoco nemiklomel­o ayinqobe ngesizini edlule nezakhe, uZwane uqale wahleka, wathi: “Indlela esiqale ngayo isizini inikeza ithemba impela. Okubalulek­ile ngami ukuthi ngifuna ukwenza kangcono kunoThemba wangesizin­i edlule. Lokhu kusho ukuthi ngifuna ukuqhubeka nokuwola izicoco nezami.”

AmaBrazili­ans aqhwakele kwilog yeDStv Premiershi­p. Abalandeli beSundowns bakhalile kuhamba uPitso Mosimane ngaphambi kokuqala kwesizini. Nokho selokhu ehambile, awukho umehluko otheni njengoba uManqoba “TV” Mngqithi, Steve “Mphathi” Komphela noRulani Mokwena beyibambe ngohlelo kuleli qembu.

“Awukho nhlobo umehluko otheni selokhu kuhambe uPitso. Izinto zisafana, mhlawumbe kungaba nje indlela esima ngayo uma sidlala kodwa okunye kusefana. Njengoba uPitso ewola kwasani ne-Ahl Ahly, ngiyambong­ela kakhulu. Impela ufanelwe yikho konke okuhle okuza ngakuyena. Ngizizwa ngithobeki­le ngokuthi ngasebenza naye,” kusho uZwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa