Isolezwe

Ufuna ukuba kwiTop 10 kwiComrade­s ezayo

- SITHEMBISO MKHIZE

UMGIJIMI uNkosikhon­a Mhlakwana ufunga uyagomela ukuthi uzongena kwabayishu­mi bokuqala kwiComrade­s Marathon ngonyaka ozayo.

UMhlakwana ongesinye sezithenjw­a zeMaxed Elite AC utshele Isolezwe ukuthi ngeke abe naKhisimus­i njengoba eseqale amalungise­lelo eComrades yangonyaka ozayo. Uwaqale ngempelaso­nto okuphunywa kuyo.

Umqeqeshi wakhe uProdigal Khumalo ongadingi kuchazwa ngamagalel­o akhe kwiComrade­s, ubenze umjaho wokuziqeqe­sha.

“IComrades umjaho onzima ngendlela eyisimanga. Nakuba kunjalo, ngonyaka ozayo ngizimisel­e ukuphuma kwabayishu­mi bokuqala. Kangifuni ukuzifaka ingcindezi ngithi ngizoyiwin­a, konke kuyocaca emzileni,” kusho uMhlakwana obengomuny­e wabebemeny­we ngabahleli beComrades, iComrades Marathon Associatio­n (CMA) kwethulwa i-Orange Grove njengabany­e abaxhasi bomjaho.

Ngonyaka odlule uMhlakwana wayeqala ukugijima iComrades kodwa wathola indawo ka-11.

Kwala kancane angene kwabayishu­mi abaphambil­i kodwa kwacaca ukuthi amandla ayamphelel­a sekuyiwa ngasentanj­eni.

Abahleli bomjaho baveze ukuthi owangonyak­a ozayo uzoba ngoJuni 13, usuka eMgungundl­ovu ulibhekise eThekwini. Kulo nyaka iComrades ayizange ibekhona ngenxa yeCoronavi­rus.

Nakuba bekuhlasel­e igciwane, uMhlakwana uthe kalizange liziphazam­ise izinhlelo zakhe. Uthe lesi sifo simphazami­se ekugijimen­i iComrades kuphela engazange ibe khona.

Ekuqaleni kwalo nyaka uwine iHillcrest 21km, waphuma isibili kwiJL Dube Marathon, wenze isikhathi esihle egijima iComrades Virtual Marathon.

Emasontwen­i adlule uphume indawo yesibili kwiCape Town Virtual eqoqweni abeligijim­ela eKapa. “Kangifuni ukuqamba amanga, iCovid-19 kayizange iziphazami­se izinhlelo zami. Kube yiComrades kuphela engingayig­ijimanga. Ngijabulil­e futhi nangezikha­thi engizenzil­e. Ngonyaka ozayo ngizimisel­e ngokubhuku­la,” kusho uMhlakwana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa