Zinengebhe izikhulu ezisatshiswayo
ZIYASABA izikhulu zikaMasipala wesiFunda uMkhanyakude okuthiwa zifunwa ngezibhamu ngosonkontileka abathi kabakhokheliwe imali yabo.
Kuthiwa sezilala obenyoni izikhulu ezimbili zalo masipala, umphathi wezimali uMnuz Thulani Mabika noMnuz Sabelo Madela oyinhloko yomnyango iTechnical Services.
Lokhu kulandela isigameko lapho kuthiwa iqeqebana losonkontileka abebeqashwe ohlelweni lokufakwa kwamanzi kumasipala, lingene ngendlovu iyangena emahhovisi kamasipala, lifuna ukubona izikhulu ezimbili.
Kuthiwa izikhulu azisayi emsebenzini selokhu kwenzeke lesi sigameko sangesonto eledlule kanti kuthiwa nabanye abasebenzi bakamasipala sebeyasaba ukuya emsebenzini.
Abalisa okuthiwa bebehlome bephelele kuthiwa basabise ngokuthi kuzofa umuntu uma bengayitholi imali yabo.
“Bafike babamba uMadela ngesidlozana. Bamnqumela ugwayi katiki, bathi bafuna imali yabo. UMabika usindele ukuthi ubengekho ehhovisi,” kusho umthombo weSolezwe.
Kuthiwa izikhulu ziphinde zasinda ngokulambisa ngalo isonto eledlule ngesikhathi zihlaselwa ziphuma emhlanganweni womphakathi owawuseHluhluwe.
Okhulumela umasipala uMnuz Mdu Dlamini, usigxekile isenzo sokuhlaselwa kwezikhulu.
“Sishaqeke kakhulu ngalesi senzo sabantu abafike emahhovisi omkhandlu, basabisa abasebenzi. Noma ngabe bebefuna imali yabo, akufanele benze kanjeya. Ikhona imigudu ebekiwe okufanele bayilandele.”
UDlamini uthe umkhandlu usuyalele uMabika noMadela ukuthi bavule amacala emaphoyiseni.
“Emhlanganweni bakuvezile ukuthi sebenovalo ngempilo yabo. Bayalelwe ukuthi bavule amacala ngoba kuyicala elibomvu ukuhlokoloza abasebenzi bakamasipala emsebenzini.”
UDlamini uthe kabanayo inkontileka nezinkampani ezithintekayo njengoba zingamasub contractor.
“Uma bona bebengakhokheliwe, bekungafanele bezophazamisa ukusebenza kukamasipala. Bekufanele baye ezinkampanini ezibaqashile.”
Uthe umasipala uzoqinisa ezokuphepha ukuze isigameko esinje singaphinde senzeke.