Kucaciswa ngemiholo yabeTshakuma
UMENGAMELI weSouth African Football Players Union (Safpu) uThulaganyo Gaoshubelwe, ucacisa ngemibiko yokuthi abadlali beTshakuma Tsha Madzivhandila (TTM) abaholile.
Kusabalale imibiko emazikweni ezindaba ehlukene, lapho kuvele khona ukuthi ngoMsombuluko abadlali beTTM abazange beziqeqeshe bekhala ngokuthi abaholile.
Ngokuqhubeka kwesonto, kwande ukuthi abadlali abaholile, abanye bahole imiholo enguhhafu. Bakhona nabayithole iphelele imali yabo kodwa bonke abadlali bakhetha ukukhuluma ngazwi linye, bangaziqeqesha bebhikishela le nsumansumane.
“Sithole ucingo obeluqhamuka kusihlalo weTTM uMasala Mulaudzi, lapho elucacise kahle khona lolu daba. Lesi sikhulu sithe abadlali baholeliwe kodwa bakhona abangakayitholi, sicacisa kahle nezizathu zalokho. Ngakho amaziko ezindaba lawo abhalile aphambukile nxa ethi iSapfu ithi akuholiwe sanhlobo kwiTTM,” kucacisa uGaoshubelwe engxoxweni naleli phephandaba izolo ntambama.
Yize uGaoshubelwe ezamile ukucacisa lolu daba kwiSolezwe kodwa akuguquki ukuthi bakhona abadlali abangayitholile imali yabo.
“Udaba lolu esilulandelayo impela. Siyakwazi okwenzekayo kwiTTM futhi sizoqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka,” kusho uGaushubelwe.
I-TTM ithenge isitifiketi seqembu ebese lineminyaka engu99, iBidvest Wits ngasekupheleni kwesizini edlule. UMulaudzi wachaza ukuthenga kwakhe iWits njengesipho esivela kuMdali, wathembisa nokuthi uzothatha leli qembu alibeke kwelinye izinga.
Leli qembu selike lethula abadlali ezweni ekubeni lingaxoxile nabo. Ngaphandle kwalokho abanye balifake esigcawini sokuqondiswa kobugwegwe kwiPSL bekhala ngokuxoshwa budlabha (abanye bengakaze balithinte nebhola begqoke imibala yaleli qembu).
Umdlalo olandelayo weTTM izowudlala naMaZulu FC ngempelasonto kwiDStv Premiership. Umdlali weTTM, uCeli Ngema ngesonto eledlule utshele leli phephandaba ukuthi zikhona izinkinga eqenjini kodwa bayazama ukuzikhohlwa uma sebenikela enkundleni ukuze bakwazi ukuthola imiphumela emihle.
I-TTM isahlulwe kanye, yanqoba owodwa, yadlala emithathu ngokulingana, okuyibeka endaweni yesishiyagalolunye kwilog ngamaphuzu ayisithupha.