Itwetwe ngemfucuza esikoleni
BAKHALA ngemfucuza elahlwa ngabantu phambi kwesango lesikole, abazali babafundi baseZingolweni Primary, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal.
Okukhathazeka abazali, ngokuthola kweSolezwe, wukuthi izingane sezidlala kule mfucuza.
Kuthiwa phakathi kwezinye zezinto ezisuke zisemfucuzeni ngamaqakelo asebenzile, imijovo namakhondomu.
Ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe lithe bakhathazekile ngokwenzakayo.
Lithe kwesinye isikhathi abantwana bayawathatha amakhondomu bawafuthe.
Liqhube lathi imijovo kuyenzeka abantwana bahubhane ngayo.
“Asisazi ukuthi senze njani. Sesikhulume kaningi noMasipala iRay Nkonyeni kodwa kuyefana nje. Akukho osisiza ngakho. Sididekile manje kasisazi ukuthi senzeni.”
UMnuz Walter Ntshiliba, onguSihlalo wesigungu esilawula isikole, uthe bakhathazekile ngalolu daba. Uthe sekukaningi bezama ukululungisa kodwa isimo sisefana.
UMfundisi Sboniso Khumalo webandla laseSheshi, iSt Peters nalo elakhelene nesikole, uzwakalise ukukhathazeka ngokwenzekayo.
Uthe le ngwadla baqale ukubhekana nayo eminyakeni emibili eyedlule, ngesikhathi umasipala ungasawulandi njalo udoti.
“Abantu engibasabela kakhulu ngabantwana baseZingolweni Primary. Yimbi le nto. Uma inganakiwe izobalimaza kakhulu abantwana bethu.”
Uveze ukuthi iphunga elidalwa yimfucuza seliphazamisa ngisho nokukhonza kwabo.
Uthe: “Iphunga elingena ngaphakathi lapha esontweni lisiphazamisa kakhulu. Kasisazi ukuthi senze njani. Sesizame kaningi ukuba sixhumane nabakwamasipala kodwa akukho abasisiza. Sonke sididekile, kasisazi ukuthi senze njani.”
Amalungu ebandla athe sekunzima nokuya enkonzweni uma kuyiSonto ngenxa yephunga.
Athe iphunga livele livimbanise ngaphakathi enkonzweni kube sengathi yisegoqweni lezingulube. Kuthiwa umasipala uvele ubeke isitsha esikhulu okufakwa kusona udoti. Isitsha sigcwala ngokuphazima kweso, okweza imfucuza ilahlwe phansi.
Okhulumela uMasipala, uNksz Nomusa Zulu, uthe bamatasa bahlela ukuyilungisa inkinga.
Uthe bazofaka nezimpawu ezizobe zixwayisa ukuthi kakuvumelekile ukulahlwa kwemfucuza kuleya ndawo. Uthe ozotholwa eqhubeka elahla udoti uzoshushiswa.