Kudutshulwe obethutha izingane
KUDUTSHULWE usomatekisi washona ngesikhathi ephuma emotweni abehamba ngayo nomkakhe emafulethini aseWaterloo, ngaseVerulam, eThekwini.
Kuthiwa umufi (40) obegxile ekuthutheni izingane zesikole, udutshulwe ngezinhlamvu ezine esifubeni neyodwa esiphongweni washonela endaweni yesehlo ngoLwesibili ebusuku.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe kusolakala ukuthi umufi obengusomatekisi udutshulwe ngesikhathi eyovula ibhuthi yemoto yakhe.
UColonel Mbele uthe kuqhamuke umsolwa ofike wavulela ngenhlamvu amahlandla amahlanu ebhekise kumufi.
“Kuthiwa umsolwa ubonakale esebaleka eyongena emotweni iPolo emhlophe ebipakwe yaqhela ngamamitha ambalwa endaweni yesigameko,” kusho uColonel Mbele.
Uthe imoto kamufi idutshulwe amahlandla amathathu emuva ngasesandleni sokudla.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo enkampanini yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram, uthe babizelwe endaweni yesehlakalo yizakhamuzi ngomuntu odutshuliwe.
UBalram uthe bafice umufi elele endaweni okupakwa kuyona izimoto emafulethini enamanxeba okudutshulwa emzimbeni nasekhanda.
Uthe uhlonzwe yithimba labo njengoshonele endaweni yesehlo.
Isikhulu sikasoseshini wamatekisi kule ndawo esingathandanga negama laso, sithe akukho esingakuphawula ngoba udaba selusezandleni zabomthetho.
Sikuqinisekisile ukuthi kube khona oshonile kodwa sangathanda ukunaba ngakho.
“Into uma isinomuntu oshonile ayisakhulumeki. Lowo muntu usuke esesezandleni zikahulumeni. Angithandi ukuphawula hleze ngiphazamise uphenyo lwamaphoyisa.” kusho isikhulu.
Isolezwe lihabule ngomthombo walo ukuthi umufi ubesondelene nalesi sikhulu sikasoseshini kodwa ubegxile kakhulu ekuthutheni izingane zesikole ngamatekisi akhe.
Umphathi wehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal uMnuz Sifiso Shangase, udlulise amazwi enduduzo emndenini kamufi wathi abahambisani nokubulawa kwabantu uma kukhona ukuphambana kwemibono embonini.
Uthe bahlale beshumayela ivangeli lomoya wobunye nozwano.
“Sigqugquzela ukuthi kuhlalwe phansi etafuleni kudingidwe inkinga esuke ikhona bese kuphunywa nesisombululo. Ukubulalana akusona isisombululo. Abazibonele kwehla lesi sehlakalo siyacela ukuthi balekelele amaphoyisa ngokuwanika imininingwane engaholela ekuboshweni kwabasolwa,” kusho uShangase.
Okhulumela i-IFP kwezokuthutha KwaZulu-Natal uMnuz Steven Moodley, ukugxekile ukubulala wathi banenkolelo ethi kunezigebengu esezingene embonini ngenhloso yokuqotha abashayeli nosomatekisi.