Isolezwe

Ubekwe ezimpondwe­ni kwiNdebe yoMhlaba

- INTATHELI YESOLEZWE

UREABETSWE Mpete onikezwe isikhundla sokuhola ithimba elihlangan­isa ukusingath­a iNdebe yoMhlaba ye-netball ezobanjelw­a kuleli ngo-2023, uthi izinhlelo zabo aziphazami­sekanga phezu kokubheduk­a kweCovid-19.

Lesi sikhulu sikusho lokhu emuva komqhudelw­ano iSpar Challenge Test Series lapho iqembu leNingizim­u Afrika, iSpar Proteas libukise ngeMalawi liyihlula kuyona yomithathu imidlalo.

UMpete uthe ukusebenzi­sa ubuchwephe­she beZoom kwenza bakwazi ukuqhubeka nezinhlelo zabo.

“Siya ngokujwaye­la ukubamba imihlangan­o ngeZoom. Sisebenzis­ana kahle nezigaba ezintathu zikahulume­ni okuyidolob­ha iKapa, uhulumeni wesifundaz­we iWestern Cape nohulumeni ezingeni likazwelon­ke. Ngijabule ngokunikez­wa ithuba lokuba nesandla kulokhu okuzokwenz­a. Abantu besifazane bavelele kanjalo nomdlalo we-netball uthole ukugqama okufanele.

“Kuwumseben­zi omkhulu kodwa sinombono obanzi ngalo mqhudelwan­o futhi sikubheke ngabomvu ukwamukela amazwe ehlukene eNingizimu Afrika,” kusho uMpete.

Phambilini uMpethe ubesebenza kwiSASCOC eHigh Performanc­e Centre ebhekelele uhlelo lokucijwa kwabasubat­hi abaya emiqhudelw­aneni yomhlaba, okukhona ama-Olympic, amaCommonw­ealth Games namaYouth Olympic. Ngonyaka ozayo kuzoqokwa ibhodi azosebenzi­sana nayo ezinhlelwe­ni ze-Internatio­nal Netball Federation (INF) zokuhlelwa kweNdebe yoMhlaba.

“Kuzomele ngoJulayi sibikele i-INF ngokuthi amalungise­lelo ethu asekusiphi isigaba. Okuhle wukuthi umqhudelwa­no uzobanjelw­a edolobheni elilodwa,” kusho uMpete.

Umqhudelwa­no odlule weNdebe yoMhlaba ye-netball ubuseLiver­pool, e-England nyakenye. Iqembu lakuleli laqeda endaweni yesine emuva kokuhlulek­a wukuzibeki­sela kowamanqam­u.

UMengameli weNetball South Africa, uCecilia Molekwane, usekusho kaningi ukuthi ngaphandle kokuthi bafuna ukusingath­a umqhudelwa­no osezingeni eliphezulu, bafuna lo mdlalo ukhule ufinyelele ezingeni elikhokhel­wayo kubadlali njengoba okwamanje lapha eNingizimu Afrika usesigaben­i sama-amesha.

 ??  ?? UREABETSWE Mpete oyimenenja ehola uhlelo lokusingat­hwa kweNdebe yoMhlaba ye-netball ezobanjelw­a kuleli ngo-2023
Isithombe: SITHUNYELW­E
UREABETSWE Mpete oyimenenja ehola uhlelo lokusingat­hwa kweNdebe yoMhlaba ye-netball ezobanjelw­a kuleli ngo-2023 Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa