Isolezwe

Kungakuhle uma Igcokama lingelula isandla kwabaswele

-

Sibahle Ngobese ENQUTHU

MHLELI: Ngiyakhule­ka kunina beSilo, ngiyabinge­lela kuso sonke isizwe samabhinca. Ngiyazi ukuthi sonke siyalithan­da kakhulu Isolezwe. Ngithi angibhale lapha njengendun­a yabalandel­i bomculo kamaskandi engacheme namculi.

Ngithanda ukuthi ngibongele uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele ngempumele­lo yakhe. Sonke isizwe samabhinca sibonile ukuthi usesayine nenkampani enkulu yamaselula. Sekunama-sim card anekhanda lalo Igcokama Elisha.

Lokho kusho enkulu impumelelo kule nsizwa yaseMdlets­heni. Uma ubheka ngampela manje umculo kamaskandi indlela osungene ngayo kubantu, kuyajabuli­sa.

Igila izimanga nangendlel­a le nsizwa yaseMdlets­heni efike yafaka ngayo inhlanzeko ebantwini.

Amabhinca amaningi manje adla ukotini ngakho njalo ukubukela kuyo le nsizwa ezalwa uMaMbatha. Siphinde sabona futhi ukuthi lowo owayengums­akazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, usethengiw­e njalo yilo Igcokama Elisha lamkhokhel­a ukuthi azoba yigidangom­a aphinde abe yinxusa lalo.

Kusho ukukhula kuMthanden­i manje ngale mpumelelo yakhe.

Sengipheth­a, ngiyafisa Mthandeni mfo kaManqele kube khona nje abantwana ozofaka isandla kubo ngemifanis­wano yesikole uma kuvulwa izikole ngonyaka ozayo.

Ngiyazi abazali abaningi baye bathwale kanzima abangasebe­nzi uma izingane sezibuyela ezikoleni ngonyaka omusha.

Ngiyazi Ndlabeyiph­ika, uma sesikhulum­ile uyenza. Uma abaculi benza kahle futhi bephumelel­a siyobabong­ela ngoba umona asinawo. Qhubeka njalo Gcokama Elisha uwumele umaskandi, Ngiyabonga!

Sizwe Ndlovu KWASJULA

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa