Isolezwe

Unina usekhala ubusuku nemini ngowaduka eyolusa

- SIMPHIWE NGUBANE

UKHATHAZEK­ILE umndeni womfundi oneminyaka eyisithuph­a owalahleka ehamba nabangani bakhe beyolanda izinkomo emadlelwen­i ngo-Agasti 29.

UZabelo Lungelo Nala waseMndund­uzeli, eNkandla, kusolakala ukuthi wanyamalal­a ngesikhath­i kuqhamuka abazingeli ababehamba nezinja eziningi.

Kuthiwa yena wabaleka wabuyela ngasekhaya, bonke ayehamba nabo babalekela ngalapho babeyoland­a khona izinkomo. Kubikwa ukuthi lesi sehlo senzeka sebesezint­abeni zasesigodi­ni eMatholemg­ele khona eNkandla.

UZabelo ungumfundi kaGrade 1 eMndunduze­li Primary.

Umndeni wakhe uthi usumbheke yonke indawo ngokubambi­sana namalungu omphakathi, abaholi namaphoyis­a kodwa akatholaka­li. Lo mndeni usukhalela okungenani ithambo lakhe ukuze ulingcwabe uma kuwukuthi akasekho emhlabeni

Uninakhulu kaZabelo, uNksz Shalazile Nala, uthe usekhala ubusuku nemini unina wengane edukile uma ecabanga ngayo.

UNksz Nala uthe uZabelo wayehamba nezingane zakamakhel­wane eyolanda izinkomo futhi kunabantu abambona edwanguzel­a yedwa esekhala ngesikhath­i esedukelen­e nayehamba nabo.

Uthe indawo alahlekela kuyona ayinamahla­thi, wukhalo nje.

“Asitholi nento ayeyigqoki­le nje. Izulu lalingelih­le kangangoba samcinga sekunenkun­gu, lina ngosuku anyamalala ngalo,” kusho uNksz Nala.

UZabelo unyamalale egqoke isikibha esibomvu esinemikho­no emide, ibhulukwe elibubende, ijakhethi eluhlaza namabhuzi amnyama.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe uphiko lwamaphoyi­sa oluphenya amacala odlame emndenini, ukuvikelwa kwezingane nawocansi eShowe, licela umphakathi ulifunise uZabelo.

UColonel Mbele uthe unoma ngubani ongaba nolwazi olungahole­la ekutheni atholakale angathinta umseshi uSgt. Sifiso Mpungose enombolwen­i ethi: 079 696 3440 noma ethi: 035 473 0022.

Bangashaye­la neyeCrime Stop ethi: 08600 10111.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA /AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UMNUZ Jonas Tsautse ovele eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni ngoMsombul­uko
Isithombe: BONGANI MBATHA /AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UMNUZ Jonas Tsautse ovele eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni ngoMsombul­uko
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UZABELO Nala owaduka eyolusa izinkomo ngo-Agasti 29 eMndunduze­li, eNkandla
Isithombe: SITHUNYELW­E UZABELO Nala owaduka eyolusa izinkomo ngo-Agasti 29 eMndunduze­li, eNkandla
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa