Isolezwe

I-SABC noNdlovu abalungise udaba

- NOKUBONGWA PHENYANE

UMA kuyisikhat­hi sokuphela konyaka olunye usuku olubhekwa kakhulu olukaNcibi­jane, ngenxa yokuthi kusuke kunesasasa lokuzwa ingoma ehambe phambili kunazo zonke kulowo nyaka.

Abantu basuke bevotele izingoma eziwu-10 eziteshini ezehlukene okuyizona ezithakase­lwe kakhulu.

Ngalolu suku iziteshi ezisuke zibhekwe kakhulu ezomsakaze­li womphakath­i, iSABC.

Ngokwehluk­ana kwezilimi iziteshi zihlukanis­a unyaka ngengoma ekhethwe ngabalalel­i balezi ziteshi ngevoti.

Komunye unyaka kuke kwenzeke eziningi zihlukanis­e ngengoma efanayo, kwesinye isikhathi ihluke.

Ngonyaka odlule akubanga kuhle esikubonil­e kwenzeka phakathi kweSABC nomunye wabasayine inkontilek­a ehambisana nokuvota u-Owen Ndlovu.

U-Owen waqhamuka neqhinga lokuthi abantu kube yibona abavotayo ukuze unyaka uhlukanisw­e yingoma ethandwa yibo.

Iqhinga wase elikhuluma neSABC kwaba yinto bonke ababona ukuthi inhle ingabasebe­nzela futhi ngempela kwenzeka njalo.

Kodwa uma sekukhona izinguquko kubo bobabili, lokho akuphoxang­a nje indlela iSABC esebenza ngayo no-Owen kodwa izwe lonke laphoxeka uma ingasabi bikho ingoma ezohlukani­sa unyaka.

Kwaba yihlazo okwenzeka ngoba kwacaca ukuthi kukhona oyedwa owayeseshi­ntshe umqondo ngesivumel­wano abanaso kodwa bangahlala phansi, kunalokho baqhubeka nokwenza izinto ngendlela yabo engafani.

Ngendlela abantu ababephoxe­ke ngayo sithemba ukuthi ngenye yezinto esingeke siphinde siyibone.

Sifikile manje isikhathi sokuthi abantu baphinde bazikhethe­le ingoma abafuna ukungena ngayo onyakeni ka-2021, ngakho iSABC no-Owen abayilungi­se kusemanje indaba ethinta lo mcimbi.

Ukuzibana ekubeni benesivume­lwano esifana nalesi akusizi ngoba ekugcineni bayadingan­a.

I-SABC ayizame ukulinda iqede isivumelwa­no eyasisayin­a no-Owen.

No-Owen uma isivumelwa­no sakhe sesifinyel­ele emaphethel­weni neSABC, akaqhubeke­le phambili uma sebengasat­handi ukusebenza naye.

Lokho kungenza singadicil­eleki phansi isithunzi seSABC ngoba umphakathi uthembele kuyo uma kuziwa ezingomeni nobumnandi obubakhona ngoNcibija­ne.

 ??  ?? U-OWEN Ndlovu owaba sematheni ekupheleni konyaka odlule ebopha iSABC ngengoma ehlukanisa unyaka lapho athi iSABC ayibenzang­a ubulungisw­a njengoba bamchitha engazi ekubeni benesivume­lwano ngalo mkhankaso
U-OWEN Ndlovu owaba sematheni ekupheleni konyaka odlule ebopha iSABC ngengoma ehlukanisa unyaka lapho athi iSABC ayibenzang­a ubulungisw­a njengoba bamchitha engazi ekubeni benesivume­lwano ngalo mkhankaso
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa