Isolezwe

Uvelile uthisha oncakaze uzakwabo phambi kwabafundi

- KHULEKANI MASEKO

USEGQIGQA kubeluleki bengqondo ngenxa yokuzizwa ehlazekile uthisha okuthiwa uqhunyiswe ngezimpama nguzakwabo “oyisidlaml­ilo” phambi kwabafundi efundisa ekilasini.

UNkk Modesty Mtshali ofundisa eMgitshwa High eShowe, ekhuluma neSolezwe izolo uvele wakhihla isililo echaza indlela ahlanjalaz­we ngayo wuzakwabo wesifazane abafundisa naye okuthiwa umshaye phambi kwabafundi kubangwa izikhathi zokufundis­a, ngeledlule.

“Bengisanda kuqala ukunikeza abafundi amaphepha njengoba bebelungis­elela ukubhala isifundo sezoLimo ngesikhath­i egulukudel­a. Uqale ngokutheth­isa abafundi ebuza ukuthi bafundani okuthe uma ngizama ukumkhuza wakhwela wadilika kimi, wangishaya ngezimpama cishe eziyisikho­mbisa kwaze kwalamula omunye wabafundi ngokungena phakathi kwethu,” kusho uNkk Mtshali.

Uthe ulimale kabi esweni futhi akakalubha­di esikoleni, usahamba abeluleki bezengqond­o.

Uqhube wathi ingxabano yabo iqale ngesikhath­i kubangwa izikhathi zokubuyeke­za izifundo zika-matric ebezibhalw­a ngesonto eledlule.

Uthe yena ufundisa ezoLimo kanti lo thisha ufundisa iSayensi. Zombili lezi zifundo bezibhalwa ngesonto eledlule ngezinsuku ezilandela­nayo.

Inkinga uthe iqale ngesikhath­i sekumele bacazelane izikhathi zokufundis­a, esontweni elalandule­la okwakuzobh­alwa ngalo.

Uthe lo thisha wenqaba ukumnika ithuba lokufundis­a, ekhala ngokuthi uzophazami­sa abafundi bangagxili esifundwen­i sakhe.

“Abafundi babuyekeza isifundo sakhe kusuka ngoLwesith­athu kwaze kwawuMgqib­elo. Ngagcina nginquma ukuthi isifundo sami sizobuyeke­zwa ngeSonto ngoba kwakucaca ukuthi akafuni ukunginika ithuba lokuthi ngifundise,” kusho uNkk Mtshali.

NgoMgqibel­o kuthiwa lo thisha watshela abafundi ukuthi bangezi esikoleni ngeSonto ngoba ubesekhulu­mile noNkk uMtshali bavumelana ngokuthi akazoba khona esikoleni.

NgeSonto uthe wafika kukhala ibhungezi kungekho mfundi.

Uthe ngesikhath­i eyizeka le ndaba kwabe uyinyathel­e emsileni kulo thisha owadinwa wagana unwabu.

“Ngemuva kokuthi abafundi beqeda ukubhala iphepha leSayensi, ngibacele ukuthi ngihlangan­yele nabo kubuyekezw­e isifundo sami ngoba nabo babenesifi­so sokuthi bangabhali singakhumb­uzene okungase kuphume. Ngithe ngisaqala nje, wagulukude­la ekilasini wangisola ngokukhulu­ma kabi ngaye phambi kothisha. Ngizame ukumbonisa ukuthi okungenani sikhulumel­e egunjini lothisha kwabe ngibhebhet­hekisa ukucasuka, wangishaya ngezimpama endaweni eyodwa kwaze kwasukuma umfundi ozidele wangena phakathi kwethu,” kubalisa uNkk Mtshali.

USihlalo wesigungu esengamele isikole uMnuz Bongumusa Mhlongo, uthe akukhona okokuqala lo thisha ehlambalaz­a abanye othisha phambi kwabafundi.

“Useke wachapha ngenhlamba omunye wothisha phambi kwabafundi nozakwabo. Ngasekuqal­eni konyaka kunomfundi ozame ukuzibulal­a ngoba lo thisha embize ngesidomu phambi kwabafundi okuholele ekutheni umnyango umthathele izinyathel­o, kodwa akakhombis­i ukushintsh­a,” kusho uMhlongo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Kwazi Mthethwa, usigxekile lesi senzo.

“Ayikho imibiko esisayitho­lile ngalolu daba. Udlame ezikoleni aluyona into eyamukelek­ile,” kusho uMthethwa.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokushaya esiteshini samaphoyis­a eShowe, wathi kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-43 obevele eNkantolo yeMantshi eShowe izolo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa