UPitso uwine ezwile kwiNedbank
KUCISHE kwama inhliziyo kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ngesikhathi eminciswa ama-amesha (iVaal University of Technology) agcine enqoba kuwo sekuvalwe amehlo emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup izolo ntambama eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
UMosimane, obecele ukuqhathwa nama-amesha kwiLast 16, ujuluke yonke imizuzu ewu-90 ngesikhathi ukwenza kungasafani nokukhuluma ungasenzeki umathanda kwiVUT.
Ukuzethemba kuze kweqe kwabadlali beVUT yikhona obekubadalela izinkinga umdlalo usanda kuqala. ISundowns ithole amathuba acela kwayishumi ngemizuzu yokuqala eyishumi.
Nakuba lawo mathuba ebengekho sobala kodwa bekucaca ukuthi iSundowns ayiwasebenzeli kangako kepha adalwa ngamaphutha abadlali beVUT.
Njengoba bekulindelekile kubonakale ubuso obebungasaziwa kwiSundowns emuva kokuwaqoqa ngamabomu amakhadi kwabo bonke laba abajwayele ukudlala emdlalweni odlule.
Ngenxa yamakhadi kaMosa Lebusa, Gaston Sirino, Hlompho Kekana noSibusiso Vilakazi kuvuleke indawo kuBangaly Soumaroho, Jose Ali Meza noKeletso Makgalwa. Kucishe konakala ngomzuzu ka-20 iVUT ifika ngolaka emapalini kaKennedy Mweene obevimbe kwiSundowns.
Ngemuva kwalelo thuba akukho okunye okuthusayo obekuvela ngasezivakashini. Yize bekunjalo kodwa neSundowns ibingeyona ingozi kwazise amathuba ebiwakha abephelela emoyeni. Kuze kwaba isikhathi sekhefu kungacaci ukuthi yiliphi iqembu elidlala esigabeni esikhulu.
Kwesesibili iSundowns ibuye ngamawala ithola amakhona kulandelana. Nakhona lapho abukho ubunzima obekubukeka sengathi buthwelwe yiVUT. Kuze kwaba wumzuzu ka-53 lapho uWayne Arendse evule khona inkundla ngegoli elihle lekhanda kade kuyikhona ethathwe uMeza.
Kuthe kusenjalo uNicholus Lukhubeni wadala iphenathi ngenxa yokuzithwala edlala ibhola ebhokisini. Le phenathi ithathwe uReitumetse Hlongwane kodwa wakha amabhilidi. Emuva kokududulana isikhathi eside, uPhakamani Mahlambi, obesanda kungena, ubeke iSundowns ebuhleni ngegoli lesibili. Emuva kwegoli akukho minyakazo etheni evelile ngaphandle kokuphela kwesikhathi obekusho ukuthi idlulile iSundowns.
Imiphumela yeNedbank Cup: Bloemfontein Celtic 3-2 Maritzburg United; Highlands Park (5) 1-1 (4) Kaizer Chiefs; Happy Wanderers 3-4 TS Sporting; Mbombela United 1-2 Real Kings; Black Leopards 2-0 Amavarara FC; Zizwe United 0-1 Happy Wanderers; Mamelodi Sundowns 2-0 Vaal University of Technelogy