Isolezwe

Usafuna ezinye izindebe emuva kweMTN8

- LUNGILE MAJOKA

PHEZU kokuthi umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ehlezi ethi uyazi ukuthi kusetshenz­wa kanjani kwiSuperSp­ort United – unqoba indebe eyodwa kube seyehlile ingcindezi – kodwa isitobha seqembu, uClayton Daniels, sisenentsh­isekelo yezinye izindebe emuva kokunqoba eyeMTN 8 edlule.

Emasontwen­i amabili edlule i-United, umkhaya weSundowns, ithathe isicoco seMTN 8 ihlula iHighlands Park ngo 1-0 kowamanqam­u.

NgoMgqibel­o izokwamuke­la ompetha beTelkom Knockout, iBaroka FC, emdlalweni weLast 16 ozoba seLucas Moripe Stadium, ngo8.15 ebusuku.

UDaniels uthe akakholwa wukuthi bazofika emdlalweni benengcind­ezi.

“Uma ufuna ukuba ngohamba phambili kumele ushaye kwasani olumi endleleni yakho. Ngikholwa wukuthi ukuzimisel­a nokuzethem­ba kuya ngokukhula eqenjini. Yebo kukhona lapho esikhubeka khona njengokuhl­ulwa yiPolokwan­e City nomdlalo we(Cape Town) City ka 3-3 lapho singazange sivimbe ngendlela esaziyo ukuthi singavimba ngayo.

“Okubalulek­ile wukulungis­a lawo maphutha. Ngeke sithi ngoba nakhu sesinqobe iMTN 8 bese sithi sesiqedile ukudlala unyaka wonke. Sikujabule­le ukuwina kodwa ngosuku olulandela­yo bese sisejimini siziqeqesh­a ngokuzimis­ela. Lokhu kuyizinkom­ba zeqembu nomqeqeshi abazimisel­e. Iqembu lilambile sibheke ukuba nesizini enhle sinqobe nezinye izindebe,” kusho uDaniels.

Uthe okwamanje iqembu lonke lidlala ngokuzimis­ela futhi bazoya kude uma beqhubeka nokuzimise­la bengaphaza­minyisa wukulimala.

“UThamsanqa Gabuza uze nokuhlukil­e eqenjini. UBradley (Grobler) uwumqemane siphinde sibheke ukuthi kusakhona abo-Evans Rusike, Aubrey Modiba abangakafi­nyeleli ezingeni labo. Esiswini sinoSipho Mbule, Jammie Webber noTeboho Mokoena kanti kukhona nokaputeni wethu (Dean Furman) ofana nenhliziyo yeqembu njengoba ehlezi esikhuthaz­a ngokuthi sikhuphule izinga. Siyiqembu elihle. Kumele sikukholwe lokho. Ngithemba ukuthi sizokwazi ukugcina umgqigqo omuhle isizini yonke,” kusho uDaniels.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa