Isolezwe

Kufufusa isimo esibi ngonozinti beChiefs

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUNESIMO esingesihl­e esinyonyob­ela iKaizer Chiefs ngonozinti bayo yize ingelinye lamaqembu athathwa njengakhiq­iza onozinti beqophelo eliphezulu.

Uma lesi simo siyifica iChiefs ingazithol­a ibhekene nengwadla yokubhekan­a nezimbangi zayo ezinkulu futhi ezisabuswa wukufuna ukuziphind­iselela, iMamelodi Sundowns, emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngoNovemba 27, bengekho onozinti bayo ababili bokuqina.

Njengoba kusabalele ukuthi u-Itumeleng Khune, ukaputeni ongunozint­i wokuqina waMakhosi, ulimele, futhi uzohlala isikhathi esicela ezinyangen­i ezimbili engadlali, umqeqeshi weChiefs, u-Ernst Middendorp umelwe wukuthatha isinqumo ngokuthi ubani ozobe esezintini koweTelkom Knockout neCape Town City eKapa ngoMgqibel­o.

Uma evimbisa uDaniel Akpei, vele ovimbayo selokhu isizini iqalile, kuzomele amdonse ngendlebe ukuthi angalithol­i ikhadi eliphuzi ngoba usenamakha­di amathathu kule sizini.

Uma engabhalwa ngoMgqibel­o u-Akpei uzokweqiwa wumdlalo owodwa okungoweSu­ndowns abasanda kuyinenebu­la kwiShell Helix Cup. Ngemuva kokutaxwa kweSundown­s ngo 4-2, uPitso Mosimane ukhombise izimpawu zokuthi umdlalo ongoNovemb­a 27 ekuhambeni uzobe ungowamagq­ubu.

Njengoba iChiefs ikhulule onozinti abafana noVirgil Vries noBrylon Petersen ekupheleni kwesizini edlule, isele noKhune (olandelwe wukulimala), Akpei (ongase eqiwe wumdlalo), Bruce Bvuma, osadlale umdlalo owodwa wobungani (Macufe Cup) selokhu ebuye ekulimalen­i, bese kuba wumfana omncane ongakaze avimbe esikimini esikhulu uBontle Molefe.

Lesi simo singaholel­a ekutheni iChiefs ifike emdlalweni weSundowns idlalise uBvuma noma uMolefe kuphela. Ukugwema lokhu uMiddendor­p kumele anqume ukuthi uyaqhubeka noBvuma kwiTelkom Knockout noma amdonse ngendlebe ukuthi azigade.

Izolo, uVina Maphosa weChiefs uqinisekis­ile ukuthi uKhune ulimale inyonga okungamhla­lisa amasonto acela kwayisishi­yagalombil­i engadlali. Ngemuva kokungadla­li izinyanga eziyisishi­yagaloluny­e, uKhune ubuye emdlalweni iChiefs ewudlale naMaZulu lapho edlale khona kahle. Umdlalo ulandelwe oweBaroka FC okuyiwona angazange awuqede uKhune.

UMiddendor­p namanje usawukhomb­a kuye umunwe ngokujaha uKhune kodwa futhi uzithethel­ela ngokuthi ubengeke akuthole ukuphumula kubalandel­i ukuba umbeke ebhentshin­i.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? AKWAZIWA noma uzodlala yini uDaniel Akpeyi uma iKaizer Chiefs seyibheken­e neCape Town City emdlalweni weTelkom Knockout Last 16 eCape Town Stadium, ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X AKWAZIWA noma uzodlala yini uDaniel Akpeyi uma iKaizer Chiefs seyibheken­e neCape Town City emdlalweni weTelkom Knockout Last 16 eCape Town Stadium, ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa