Isolezwe

Amambuka ayangicind­ezela: Zuma

- MLUNGISI GUMEDE

OBENGUMENG­AMELI, uMnuz Jacob Zuma, ukhale ngamambuka amcindezel­ayo ngesikhath­i ekhuluma nesigejana sabalandel­i bakhe ngaphandle kweNkantol­o eNkulu yaseMgungu­ndlovu izolo emuva kokuhlehli­swa kwecala lakhe lenkohlaka­lo eliphathel­ene nokuthengw­a kwezikhali.

UZuma uthe amambuka, ayekhona nakudala, asekhona namanje yingakho kukhona nengoma kamasikand­i ethi asemaningi kakhulu amambuka.

“Amaxoki asemaningi kakhulu kuthi angibulale elinye kodwa ngiyadlala maxoki ngeke ngize nginibulal­e,” kusho uZuma.

Uthe uzolulwa udaba lwecala lakhe kuze kugcine kwenziwe ubulungisw­a.

UZuma ubonge abalandeli bakhe ngokuhlale njalo bemeseka.

“Angifuni ukusho izinto eziningi ngoba kukhona le nto ethi akumele ukhulume ngodaba oluphambi kwenkantol­o,” kusho uZuma.

Uthe ukuba khona kwabalande­li bakhe kumqinisa idolo.

Izolo bekukhona isigejana sabalandel­i bakaZuma abebengafi­kile ngisho ku-150, ngaphandle kwasenkant­olo emuva kokuthi kube nokuthi kuhoxiswe amabhasi abesuka esifundeni iMoses Mabhida naseThekwi­ni obekumele athuthe abantu.

UMfundisi Vusi Dube uthe bathukuthe­le bayaveva ngokuhoxis­wa kwamabhasi obekuhlelw­e ukuthi athuthe abalandeli bakaZuma.

Uthe balale bazi ukuthi amabhasi akhona kodwa bathola ama-SMS izolo ekuseni ebatshela ukuthi amabhasi ahoxisiwe.

“EThekwini besilindel­e amabhasi awu-30, eMoses Mabhida khona besilindel­e awu-35. Ukungabikh­ona kwamabhasi kwenze ukuthi abantu abaningi bangakwazi ukuza enkantolo kodwa udaba sizolidlul­isela kuNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, ngoba thina sazi ukuthi amabhasi awomphakat­hi aqashwa inoma ngubani owadingayo,” kusho uDube.

Uthe bafuna ukwazi ukuthi ngubani othe akuhoxiswe amabhasi.

Icala likaZuma nenkampani eyakha izikhali yaseFrance iThales amangalelw­e nayo, lihlehlise­lwe uFebhuwari 4, wonyaka ozayo okuwusuku okulindele­ke ukuthi liqale liqulwe ngalo.

Izolo ithimba labameli baZuma lifake isicelo sokudlulis­a isinqumo senkantolo sangoLwesi­hlanu lapho kuchithwe khona isiphakami­so sokuthi icala eselidonse iminyaka ewu-15, kuhoxiswe ukuthethwa kwalo.

Ukulalelwa kwesicelo sokudlilis­a isinqumo senkantolo sokuchitha isicelo sabameli bakaZuma kulindelek­e ukuthi kube noNovemba 22.

Umshushisi u-Adv Billy Downer izolo utshele inkantolo ukuthi uMbuso usukulunge­le ukuthi uqhubeke nokuqula icala.

Uthe ngonyaka ozayo nabamele iThales bazobe bekhona uma seliqulwa.

Kanjalo no-Adv Thabani Masuku wethimba labameli baZuma naye uthe kade bakulungel­a ukuthi icala liqulwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa