Isolezwe

Bekushubil­e ezakwaMpis­ane zibambana

- NDUDUZO DLADLA

UBEDINWE egane unwabu umqeqeshi weReal Kings, uJoel Masutha emuva kokudlala ngokulinga­na kwezakhe neRoyal Eagles ngoMgqibel­o emini.

IKings ne-Eagles babelane ngamaphuzu emdlalweni weGladAfri­ca Championsh­ip ophele ngo 2-2, eChatswort­h Stadium.

Kucace bha ukuthi uMasutha ubeze kulo mdlalo ngezinkani, ewafuna ephelele kodwa waphoxeka sekungenze­ki.

“Engikwaziy­o nje ukuthi bekufanele sithole amaphuzu aphelele kwaphela. Angifuni ukugxila kunompempe ngezinqumo zakhe. Bekufanele sishaye amagoli kwaphela,” kusho uMasutha obengandi uma ephendula izintathel­i, umbona ngisho ebusweni ukuthi akeneme.

Isimo besishubil­e emdlalweni. Isolezwe lifike abalandeli beKings bengakange­ni enkundleni, beyinqwaba ngaphandle sekusele imizuzu ewu-15 umdlalo uqale.

Isolezwe lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi esinye sezikhulu ze-Eagles kuphoqelek­e ukuthi sikhokhe imali elinganise­lwa ku R45 000, ukuze kungene abalandeli beKings abawu900 enkundleni. Ithikithi lilinye lomdlalo belingu R50. Bekukhona nonogada abebegaxe izibhamu ezinkulu nezincane, kucaca ukuthi bayimpi begade uShauwn Mpisane nendodana yakhe u-Andile.

Bekuthi nxa iKings ilibeke enethini, uShauwn ajabulise okwengane, agxumagxum­e ubone ukuthi uyakitazek­a. Bekukhona namakhamer­a ethelevish­ini abelokhu emlandele njalo.

“Ngeke ngithi bekuwumdla­lo lo ebekumele siwunqobe noma yikanjani kodwa sakhe amathuba, obekumele siwasebenz­ise. Angineme neze ngalokho,” kuqhuba uMasutha.

Umqeqeshi we-Eagles, uMorena Ramareboli uthe weneme ngalo mphumela kwazise usaziphemb­ela isikwati sakhe.

“Uma usakha iqembu kunezinto okumele uzamukele futhi uziqonde. Abadlali abasha laba engidlala ngabo. Sizama ukwakha into enhle nomoya wokuzwana. Yingakho ngithi ngiyalamuk­ela iphuzu. Emidlalwen­i embalwa kusuka manje, uzocaca umehluko ngoba sisebenza kanzima ukuthi sibumbe iqembu,” usho kanje umqeqeshi.

Akuyona into efihlwayo ukuthi umndeni wakwaMpisa­ne wehlukene phakathi njengoba uSbu nomkakhe uShauwn beyinkukhu nempaka ngenxa yezinkinga zomshado wabo.

Indodana yabo u-Andile, iqhamuke enkundleni iqimbile ngenhla, ihlinile, igadwe yizinsizwa ebezihlome ngezibhamu.

Uyise uSbu, ubezihleke­la nezinye izikhulu zamanye amaqembu ebhola, enamancoko kungathi akonakele lutho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa