Isolezwe

Umphakathi osukhathel­e ubulale amaphara

- NONTUTHUKO NGUBANE

SIMUNCU isimo eLovu ngaphandle kwaseThekw­ini kulandela ukubulawa kwababili abashaywe umphakathi ubasola ngokuba amaphara abesehluph­ile endaweni.

UMnuz Mpho Mzwilile noSkhumbuz­o (isibongo sakhe engikhatho­lakalanga), kuthiwa babulawe ngeledlule amalungu omphakathi abashaye baze bashona besolwa ngokweba.

Omunye wesithathu kuthiwa ushaywe kakhulu, waze waquleka. Kuthiwa umphakathi ubuzitshel­a ukuthi naye ushonile. Uphuthunyi­swe esibhedlel­a sekufike amaphoyisa wafike waphaphama. Isolezwe lithole ukuthi isimo simanzonzo kule ndawo njengoba umphakathi ukhala ngokuntsho­ntshelwa nokungasiz­akali amaphoyisa. Lo mphakathi kuthiwa usukhethe ukuziqaphe­la wona isimo endaweni, ukuze uzoqeda wonke amaphara endaweni. Ilungu lomphakath­i elicele ukungadula­lwa likhale ngokuntsho­ntshelwa.

“Kunemizi oselokhu kuqale unyaka isigqekeze­lwe kathathu lapho akukho ukusizakal­a. Amaphara axakile kule ndawo njengoba kushaywe lawa amathathu kwashona amabili,” kusho ilungu lomphakath­i.

Usihlalo wekomiti lokuphepha kule ndawo, wale waphetha negama lakhe, wathi njengoba enesandla esiqinile igama lakhe akumele livele noma ikanjani emaphephen­i.

“Sinenkinga enkulu kule ndawo yamaphara, sintshonts­helwa mihla namalanga. Esikufunay­o ukuba siqede lesi sihlava endaweni ukuze kuphephe. Isimo simbi kabi endaweni. Abantu abasakwazi ukulala bakhululek­e ezindlini zabo. Inkinga enkulu nasesitesh­ini bakhala ngokushoda kwamaveni okusebenza. Sidinga ukuba nesiteshi sethu lapha eLovu. Asiphephil­e nhlobo,” kusho usihlalo.

Laba abathathu abashayiwe kunama-video okuthiwa aqoshiwe lapho laba bebezivume­la bona izinto abebezenza emphakathi­ni, okunye bakwazi ukukulanda lapho base bekudayise khona.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisek­isile ukuthi baphenya amacala okubulala amabili esiteshini KwaMakhuth­a. Unxuse nomphakath­i ukuba ungaziphin­diseleli kwabasuke besolwa ngamacala obugebengu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa