OweSundowns ukhululekile ngombango wesicoco seligi
ISILOMO seMamelodi Sundowns, uTiyani “Sugar” Mabunda, siyikhomba kwi-Orlando Pirates ingcindezi yombango wesicoco ngoba bona bakujwayele ukubhekana nesimo lapho bengenalo ithuba lokudedela amaphuzu uma bezimisele ngokuvikela isicoco se-Absa Premiership.
Namuhla ngo-7.30 ebusku, eLoftus Stadium, ePitoli, bazohlukana phakathi ngoba womabili amaqembu ayimele, iSundowns neSuperSport United, azobe etholene phezulu.
Ngaphandle kokuthi vele imidlalo isiya ngokuphela kwiligi, lona umqoka kakhulu kwiSundowns ngoba ukwesele ngayo kwazise incelisa amawele njengoba iqhubeka nakwiCAF Champions League.
Kusukela iPirates inqobe ngo 2-1 kwiFree State Stars ngempelasonto, abaningi bakholwa wukuthi iSundowns izothwala kanzima uma izimisele ngokuvala igebe lamaphuzu ayisithupha elivulwe yiBucs esicongweni. Kuningi okuvuna iSundowns ngalo mdlalo njengerekhodi kodwa uMabunda ukholwa ukuthi akukho okumqoka ngawo futhi ukucindezeleka akukho kangako kubona, ngoba okufanele bakwenze yinto asebeyenze ngempumelelo iminyaka emihlanu ilandelana kodwa konke kusha kwiPirates.
“Asicindezelekile nakancane. Ungadidwa abantu besikhulumela. Lalela thina ukuthi sithini bese ukholwa yilokhu esikushoyo ngoba siyakwazi okufanele sikwenze. Ukusalela emuva ngemidlalo yinto
esifana nesiko kithina kwazise sihlale sikulesi sigaba seChampions League njalo ngalesi sikhathi. Lokhu okufanele sikwenze sihlale sikwenza minyaka yonke. Ngiyezwa kuthiwa iPirates iyona ekhululekile ngoba isiwaqoqile amaphuzu kodwa ngiyakwazi okufanele ngikwenze kanjalo nabo bonke abanye ozakwethu. Inkinga yokucindezeleka kungenzeka ibe kwiPirates ngoba abasijwayele isimo ababhekene naso,” usho kanje uMabunda.
Irekhodi leSundowns uma ibhekene neSuperSport likhomba ukuthi sekudlule imidlalo ewu-11 ezikaKaitano Tembo zingayazi iwini kwezikaPitso Mosimane. ISuperSport igcine ukushaya iSundowns ngo-2013 lapho uMor Diouf ashaya khona inguzunga yeshodi esengxenyeni enkulu yezakhe.
Kulo mdlalo kubuya uMxolisi Macuphu ongomunye wabadlali beSuperSport abasefomini. Yize kukhona konke lokhu uMabunda ukholwa ukuthi bazoyiwina yonke imidlalo okufanele bayiwine ukuqala ngeSuperSport.
“Ngeke kube lula ngoba iSuperSport ingelinye lamaqembu avukile emaqandeni. Akufanele futhi sikhohlwe ukuthi umdlalo wabakhaya ngakho kungenzeka noma yini. Babophele inqwaba yabadlali abamele amazwe abo njengathi, ngakho-ke silindele ubunzima kodwa isipiliyoni sethu singiqinisa idolo ukuthi yithina esizobuyela emakhaya simamatheka.”