‘Ngilinde ithuba lokudlala kwelikhulu’
ISIKHWISHIKHWISHI seKaizer Chiefs kwiMultiChoice Diski Challenge (MDC), u-Itumeleng Shopane, sibona kungasekude sidlale eqenjini elikhulu laMakhosi.
Ngokusho kukaShopane umqeqeshi weqembu elikhulu u-Ernst Middendorp uchazekile ngebhola alidlalayo kodwa kunezinto ezimbalwa afuna azilungise.
UShopane (21) udlala ophikweni lwesokudla kuMakhosi. Usezakhele udumo ngokungayibheki indoda phambi kwakhe, ukugoba amabhola amahle nokushaya amagoli abalulekile kwiMDC. Udlalela iqembu lesizwe likaUnder 20 eliphekwa uThabo Senong.
Useneminyaka ebalelwa kwemine edlala kwiMDC. Phakathi kwabadlali asebedlalela iqembu elikhulu adlale nabo kwiMDC singabala uLucky Ngezana, Nkosingiphile Ngcobo, Emmanuel Letlotlo, Happy Mashiane noWiseman Meyiwa.
UShopane uthe kuyamthokozisa ukubona igenge abedlala nayo yenza kahle eqenjini elikhulu wathi ulinde isikhathi sakhe akholwa wukuthi sesiseMome.
“Ngiyabajabulela kakhulu abafowethu abakhushulelwe eqenjini elikhulu kwiChiefs. Yonke into inesikhathi sayo, ngiyethemba ukuthi siyeza nesami isikhathi sokuba ngikhushulelwe eqenjini elikhulu. Engizokwenza nje ukuqhubeka nokudlala bese ngilinda elami ithuba,” kusho uShopane.
Eqhubeka echaza uShopane, uveze ukuthi uMiddendorp usejwayele ukumbiza eqenjini elikhulu ukuba azoziqeqesha nalo.
“Sengiziqeqeshe kaningi neqembu elikhulu. UMiddendorp unendlela afuna ngidlale ngayo engicabanga ukuthi angikafiki esigabeni afuna ngibe kusona okwamanje. Ngilindele ukuthi kube nguyena ongitshelayo ukuthi sengikulungele ukudlala kwelikhulu. Ukuthi nje kwesinye isikhathi uMiddendorp uyathula, uvele ungazi ukuthi wenza ngakho yini noma uyageja. Kodwa ngizoqhubeka nokusebenza kanzima ngethemba lokuthi nami kuzongilungela,” usho kanje uShopane.
Isizini yeChiefs isiphelile kwiMultiChoice Diski Shield (MDS) njengoba yehlulekile ukuvikela lesi sicoco eyasinqoba nyakenye idlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Orlando Pirates emdlalweni kaGroup A obuseHammarsdale ngempelasonto. Amaqembu azodlala kowandulela owamanqamu yiPirates, SuperSport United, Mamelodi Sundowns neLamontville Golden Arrows.
Iqembu elikhulu leChiefs linomsebenzi onzima ngempelasonto njengoba lizobhekana neChippa kowandulela owamanqamu weNedbank Cup. Umdlalo useNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi, ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku.
Komunye umdlalo weNedbank Cup kuzotholana phezulu iLamontville Golden Arrows neTS Galaxy eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.