Kuthuthukiswe isikhungo esisiza abahlukunyezwayo
KUVULWE isikhungo sokwamukela izingcingo esizosebenzisana namaphoyisa nabezempilo ukusiza abantu abahlangabezana nodlame lwasekhaya eMgungundlovu izolo.
UMnyango wezokuThuthuthukiswa koMphakathi KwaZuluNatal neVodacom bavule ngokusemthethweni lesi sikhungo ngenhloso yokusiza umphakathi uma uhlangabezana nezinkinga.
UNgqongqoshe walo mnyango, uNkk Weziwe Thusi, uthe lesi sikhungo sivuleleke ukuthi sisize wonke umuntu waKwaZulu-Natal. “Abantu bangashayela kulesi sikhungo uma behlukunyezwa, bengaphathekile kahle, bedinga usizo ngezidakamizwa noma benezinkinga mayelana nezibonelelo zikahulumeni,” kusho uNkk Thusi.
Lesi sikhungo siqale ukusebenza ngo-2009 njengoba sesithuthukisiwe saba sezingeni eliphezulu.
UNkk Thusi uthe lesi sikhungo sizosebenza usuku lonke futhi ukushayela kuso kumahhala.
“Sibonile ukuthi ziningi izinkinga abantu ababhekene nazo sase sisukumela phezulu sibambisene neVodacom ukuze senze kube lula ukuthi abantu babike izinkinga zabo,” kusho uNkk Thusi.
Lesi sikhungo sisebenzisana namaphoyisa, abezempilo neminye iminyango kahulumeni ukuze sisize abantu ngezinkinga ezihlukene.
Kuqashwe osonhlalakahle abane abazosebenza. Umnyango uhlinzeke isikhungo ngemoto ezosetshenziswa ukufinyelela kubantu abadinga usizo.
“Lesi sikhungo sisazothuthuka kakhulu ngoba kusazoqeqeshwa osonhlalakahle ukuthi bafunde ukukhuluma ngezandla ukuze bakhulume ngezandla uma besebenzisa indlela yokuxhumana iSkype uma kufanele basize abantu abangakwazi ukukhuluma,” kusho uNkk Thusi.
Umphathi weVodacom ophikweni lwamabhizinisi, uNksz Eleni Kwinana, uthe bayakujabulela ukuba yingxenye yalesi sikhungo esizosiza umphakathi.
“Sinethemba lokuthi baningi abantu abazosizakala ngalesi sikhungo ikakhulukazi abahlangabezana nokuhlukunyezwa,” kusho uNksz Kwinana. Lo mnyango uphinde wethula izinsiza kusebenza kubasebenzi bawo khona eMgungundlovu. Kunezezelwe izimoto ezingu-133 ezizolekelela osonhlalakahle nabanye abasebenzi bakulo mnyango ukuze bafinyelele emalungwini omphakathi abadinga usizo. UNkk Thusi uthe lokhu kuzoba wusizo njengoba kunohlelo lokulekelela abantu abalambile, iSocial Relief of Distress and Community Nutrition and Development.
“Lo mnyango usebenzisana nezinnhlangano ezingenzi nzuzo ukusiza abantu abaswele, ezinye izimoto zizosetshenziswa yilezi zinhlangano ukuhambisa ukudla kubantu abaswele,” kusho uNkk Thusi.
Imeya yaseMgungundlovu, uNkk Thobeka Maphumulo, uthe izidingongqangi ezilethwe yilo mnyango zizoletha intuthuko kule ndawo.
“Ngiyajabula ngokwenzelwe lo mphakathi. Ngiyathemba ukuthi abasebenzi balo mnyango bazozimisela benze kahle emsebenzini wabo ukuze kuzosizakala umphakathi,” kusho uNkk Maphumulo.
Lo mnyango uthe uzoqhubeka nokuletha izidingongqangi kubantu ukuze kuthuthuke i KwaZulu-Natal.