Abhuntshile amaGqom’ Awards
‘KUBOSHWE’ AMAPHOYISA ETOYIZA
Senzo Shezi: Amaphoyisa abophe amaphoyisa abetoyiza, okhulumela amaphoyisa uthe kusaphenywa ngamaphoyisa aboshwe amaphoyisa.
Robs Mfo Kazinja Ziyamkhonkotha Mthembu: Abengadutshulwa ngani ngezinhlamvu zenjoloba?
Philani Dlamini: Selokhu ngazalwa ngiyaqala ukuzwa kuthiwa amaphoyisa abetoyiza. Kusobala ukuthi uBrother Jesus usesendleleni.
KUSHONE ISIGULI KUGINGQIKA IBHASI LOMNYANGO WEZEMPILO
Nonkululeko Keswa: Ngiyawabonga amabhasi ezempilo bandla. Ngake ngagibela elalisuka eMadadeni, eNewcastle Hospital liya eGrace Hospital. Udledledle bakwethu, akukho aircon, amakhaza aqhamuka ngaphansi, simpintshene la. Osekugcineni kwesihlalo usho ukuwa uma lijika, ubudledledle ongakaze ububone. Kwakunewindi nje owawuthi ulivala lizivule lona. Themba Hadebe: Abantu abashayela la mabhasi ababacabangeli abanye. Ngicela batshelwe ukuthi abashayeli amaambhulensi.
UJOHNSON UXWAYISA ABOSUTHU NGEZEMBE
Mate Ngwenya: Abaphathi boSuthu badlale ngaye bedayisa uTade.
Collin Sandile Kansas Khathi: Ngixwayisa yena mina, ibhantshi lingase ligcwale umoya.
UBHUNTSHE ngemizuzu yokugcina umcimbi wemiklomelo yabaculi begqom’, amaSouth African Gqom Awards, obekumele ube ngempelasonto eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC).
Lo mcimbi obekuzoba ngowuqala kulo nyaka, bekuzohlonishwa kuwo abaculi bakuleli abathathe umculo wegqom’ bawubeka esicongweni.
“Noma ngingasazi isizathu esiholele ekutheni kumiswe ukuqhubeka kwawo kodwa wona awusekho kule mpelasonto, angazi ukuthi usuzoba nini njengoba abahleli bawo beshayisana ngamakhanda,” kuchaza umthombo.
Omunye umthombo uveze ukuthi abahleli balinyazwe ukungakhokhi kwabanye abaxhasi.
“Ngenxa yokubalekela ukuthi bangabaleki abaxhasi ngeke ngibasho ukuthi bangobani kodwa abanye ngabakhulu nje impela, lo mcimbi ubuzoqhubeka kahle kakhulu uma bekwazile ukukhokha ngesikhathi,” kuchaza umthombo.
Omunye wabahleli bomcimbi uKhulekani Ntshangase ukuqinisekisile ukuthi umcimbi uhlehlile.
“Awuhoxiswanga kodwa uhlehlele usuku olungekho kude. Inkinga yisiphithiphithi
sokhetho oluzayo ngoba kuzobe kuwolukhulu futhi oluqondene nokuthi izwe ligubha iminyaka yentando yabantu,” kusho engu-25 uKhulekani.
Ukuphikile ukuthi kungenxa yokungakhokhi kwabaxhasi.
“Uma nenza izivumelwano niyazibeka nezinsuku ukuthi ngoluthile kuzokwenza okuthize. Akekho noyedwa umxhasi ophule isivumelwano.”
Uthe basazama ukukhuluma nabaxhasi ukuze banqume usuku olusha abazolumemezela esithangamini nabezindaba abazoba naso.
Emasontweni amathathu edlule kumenyezelwe abaqokwe kuwona eMax’s Lifestyle, eMlaza.
Kwabaqokiwe kubalwa kubo uBabes Wodumo, Tipcee, Dladla Mshunqisi, DJ Sjerere emikhakheni ehlukene kulo mcimbi.
Bekungeke kuhlonishwe nje laba baculi kuphela kodwa bekuzobhekwa nabantu bemfashini ehambisana nalolu hlobo lomculo, kuphinde kuhlonishwe nabanikazi bezindawo zobumnandi ezivumela oDJ badlale lolu hlobo lomculo.