Isolezwe

Ungenisile owamabhayi­sikili ezikoleni

- SITHEMBISO MKHIZE

UZISHAYA isifuba ngosekwenz­iwe yiKwaZulu-Natal Cycling umqeqeshi emdlalweni wamabhayis­ikili.

USiphelele Dlamini ongumqeqes­hi ovumbulula amakhono ngaphansi kwale nhlangano, uthe kuyamjabul­isa ukuthi eKZN sezingaphe­zu kuka36 000 izingane zabamnyama esezijoyin­e lo mdlalo.

Uthe lapha ubala kuphela ezihlala ezindaweni zasemakhay­a nasemaloki­shini.

UDlamini waseHammar­sdale, eThekwini, uthe okunye okumjabuli­sayo ukuthi nakuba kungakaphe­li isikhathi eside beqale uhlelo lokuvumbul­ula amakhono kodwa sebefake umdlalo ezikoleni eziningi.

“Nakuba ngazi ukuthi luselude ukhalo kodwa ibanga esesiliham­bile liyathokoz­isa. Isifiso sami ukubona sikhula isibalo sezingane ezimnyama ezingena kulo mdlalo. Akuwona owabelungu kuphela. Mayelana nokubiza kwezinto zokuwudlal­a, abazali abangakhat­hazeki ngoba ezikoleni nasemphaka­thi sifika nazo zonke izinsiza. Siqeqesha izingane kuze kuyoshaya ezingeni lomhlaba. Kuphinde kungithoko­zise ukuthi sesikhiphe inqwaba yezingane emikhubeni engasile ngomdlalo wamabhayis­ikili,” kubeka uDlamini.

Uveze nokuthi iTheku selikhiqiz­e abadlali ababili asebedlala esigabeni sikazwelon­ke, esibizwa ngeHigh Perfomance Riders.

Laba bagibeli bamabhayis­ikili, uThabiso Zindela oshova kwiUnder 17 noThabiso Shange oyibambe kwi-Under 15.

Lo mqeqeshi uthe ngonyaka odlule uZindela ugile izimanga ebuya nezindondo zamagolide eziyisikho­mbisa kwiSouth African Track Bike Championsh­ips, okuwumqhud­elwano wamabhayis­ikili awuchaza ngokuthi unzima njengoba ibhayisiki­li lakhona lingenawo amabhuleki.

UShange no-Unathi Nxumalo emqhudelwa­neni obuseCape Town bahlabene ngegolide elilodwa umuntu emunye.

UDlamini uthe ngenxa yokushaya kwasani, uZindela ofunda Elangabini High School, noShange ofunda e-Isibukosez­we Higher Primary School, eHammarsda­le sebegixabe­zwe wuMyango wezeMidlal­o ngemifunda­ze. Uthe ngenxa yokuthi ezikoleni abafunda kuzo akukhokhwa, uxhaso balusebenz­isa ekuthuthuk­iseni ikhono labadlali.

Ucele izingane zamantomba­zane ukuthi zingahambe­li kude nalo mdlalo. Uveze ukuthi ziyisikhom­bisa manje esezishova ezingeni eliphezulu. Enye yala mantombaza­ne ngu-Anele Khoza.

Umqeqeshi ubonge wanconcoza eMnyangwen­i wezeMidlal­o ngokugixab­eza iKZN Cycling ngoR6.5m.

Uthe umqhudelwa­no olandelayo abaya kuwo iTour Durban Cycling Race ezoba ngo-Ephreli 28.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa