Isolezwe

Angiyiboni iChiefs iqeda kwiTop 8: Pollen Ndlanya

- NDUDUZO DLADLA

UPOLLEN “Trompies” Ndlanya, oke wagijimela iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates eminyakeni edlule, uthi abalandeli baMakhosi abakhohlwe wukuthi kukhona isicoco abazositho­la kule sizini ka-2018/2019.

UNdlanya uthe ukushintsh­wa njalo kwesikimu, ukuphelelw­a amaqhinga kwabaqeqes­hi, nobuthaka bodonga emuva yikona okumlahlis­a ithemba ukuthi kukhona okunganqot­shwa yiChiefs ebukeka ibuthuntu futhi ingenaso isithunzi.

Amakhosi aseshaywe kabili yizimbangi zawo i-Orlando Pirates kule sizini, kanti nakwi-log akuhambi kahle. Asanda kushaywa yiLamontvi­lle Golden Arrows ngo 2-1 ngeledlule, ashoveleka kunombolo 7.

NgoLwesibi­li ezikaGiova­nni Solinas zishaywe iZimamoto FC yaseZanzib­ar ngo 2-1. Nakuba iChiefs iqhubekele phambili kulo mqhudelwan­o (ngenxa yokuthi yanqoba umdlalo womlenze wokuqala ngo 4-0) kodwa ukushaywa yiqembu elingazelw­a lutho njengeZima­moto, kuyizimpaw­u zokuthi kuningi okungahamb­i kahle kubafana Bokuthula Noxolo.

“Asikho isicoco esizonqots­hwa yiChiefs kule sizini uma isadlala kanje. Njalo kushintshw­a isikimu, angiqondi ukuthi umqeqeshi usishintsh­a kanjani isikimu engakabi naso esimnqobel­a imidlalo. Ngalesi sikhathi sesizini kufanele ngabe sekuyacaca ukuthi iChiefs ibheke kuphi kodwa lutho, kunalokho kuya ngokuya kuba mnyama kakhulu. Uma ubuka amaqembu anjengoPir­ates neMamelodi Sundowns aseqalile ukukhombis­a ukuthi abheke kuphi. Nezikimu zawo anqoba ngazo imidlalo seziyaziwa. Kodwa lutho kwiChiefs,” usho kanje uNdlanya. Uthe sasingekho nesincane isidingo sokuthi kuxoshwe uSteve Komphela, uma noSolinas ekhombisa ukuhluleka ngale ndlela.

“Ubengcono kakhulu uKomphela, hleze yena ubengenabo abadlali futhi ephikwa yinhlanhla. Kanganani kumqeqeshi onabo abadlali ohlulwa ukubaseben­zisa. Nethimba nje lonke labaqeqesh­i kwiChiefs alikhombis­i ukuba namava. Abadlali kabakhombi­si ukuthi bayethenjw­a, kwabona ungathi bayasaba. Uma nje ngingalibe­ka lime, ngingathi angiyiboni iqeda kwi-Top 8 iChiefs uma kuphela isizini,” usho kanje uNdlanya oke wadlalela neManning Rangers eminyakeni edlule.

Umdlalo olandelayo weChiefs izowudlala neSuperSpo­rt United kwi-Absa Premiershi­p ngoDisemba 12 eMbombela Stadium. Amakhosi agcina ukunqoba umdlalo weligi ngoNovemba 7 eshaya iBlack Leopards ngo 1-0, eFNB Stadium.

 ??  ?? POLLEN ‘TROMPIES’ NDLANYA
POLLEN ‘TROMPIES’ NDLANYA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa