Isolezwe

IBlitzbokk­e ingavuswa yisibhaxu saseDubai

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUSHAYA udaka kweBlitzbo­kke ngeledlule emlenzeni waseDubai weHSBC World Sevens Series, kungase kube yisona yisizathu ebesidingw­a yileli qembu ukuze lizofika kowasekhay­a umlenze eKapa linesilond­a nomfutho wokulungis­a amaphutha.

Lawa ngamazwi enkakha yaleli qembu ezobe ivalelisa uRosko Specman. USpecman uzobe edlala okokugcina kuleli qembu elizobe lidlala ngejezi elihlukile ukugubha iminyaka eyikhulu kwazalwa uNelson Mandela owayengume­ngameli waseNingiz­imu Afrika.

Ngokujwaye­lekile iBlitzbokk­e iqala ngenothi eliphezulu eDubai. Kulokhu leli qembu liqede lisendawen­i yesithupha kodwa uSpecman uyakujabul­ela lokho.

IBlitzbokk­e iyona evikela isicoco salo mqhudelwan­o kodwa indlela eqale ngayo ukusivikel­a yenze abaningi bazibuza imibuzo.

NgokukaSpe­cman, okuyikona okudingwa yiBlitzbok­ke ukuqinisek­isa ukuthi bayawudla lo mlenze ngoba uma bengakwenz­anga lokho bayobe baphoxe iKapa ehlale iphume ngobuningi ukuzokwese­ka leli qembu. Liqhathwe neSamoa, Zimbabwe neNew Zealand (ezobe ivikela isicoco somlenze waseKapa).

“Abathandi bombhoxo eKapa bahlale njalo belindele okukhulu kithina ngakho-ke siya kule mpelasonto sazi kahle ukuthi akukho okuzobe kushintshi­le. Njengoba eKapa sihlale senza kahle, nakulokhu sihlele ukwenza okufanayo kodwa konke lokhu kulele kithina singabadla­li. Sicindezel­ekile impela ukuthi senze kahle kodwa kumnandi kithina lokhu ngoba kusikhutha­za nakakhulu,” kusho uSpecman.

Ngokusho kwalo mdlali osezoya kodlala kwiVodacom Super Rugby ngaphansi kwamabhuku eVodacom Blue Bulls, konke lokhu kulele ekutheni bona bengabadla­li bakuthatha lokhu kucindezek­a ngayiphi indlela.

“Siqale kabi kakhulu. Siphoxile. Indlela esiqale ngayo le sizini ayisipheth­e kahle kwathina. Okumnandi ukuthi asidikibel­e kanti nabaqeqesh­i bayasho ukuthi lokhu kuqala kabi, kungenzeka kube yikhona okusivusa emaqandeni. Okumnandi kithina ukuthi yize sisekhaya kodwa abalindele­ke ukuthi benze kahle iNew Zeland ne-USA ngoba vele yibona abadlale kahle eDubai. Okuhle nje ukuthi siyazi singabadla­li ukuthi kwakhona eDubai kunezikhat­hi lapho kucacile ukuthi uma sizimisele ngokugcwel­e alikho izwe elingamela­na nathi. Sihlele ukwenza lokho eKapa,” kusonga uSpecman. Isiyonke eyeBlitzbo­kke eKapa imi kanje: NgoMgqibel­o South Africa v Samoa (12.27pm) South Africa v Zimbabwe (3.48pm) South Africa v New Zealand (7.56pm)

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa