Isolezwe

Kwelulekwe abesifazan­e ngengqephu

- LUNGI LANGA

KUGQUGQUZE­LWE abesifazan­e ukuthi babhekisis­e ukuthi bagqoka izimpahla ezibafanel­ayo uma beyothungi­sa.

Umsiki wengqephu we-Afroliciou­s Designs, uNksz Mamsie Mkhwanazi, ucobelele abesifazan­e abebehambe­le Intandokaz­i Women’s Club ngokubalul­eka kokuzibhek­isisa izimpahla abafuna ukuzigqoka.

Uthe abantu bavame ukubona izingubo abazithand­ayo zigqokwe abathile bese bephuthuma beyozithun­ga kodwa zivele zingabafan­eli ngale ndlela abasuke beyilindel­e.

Weluleke abantu besifazane ngokuthi babe nabantu abababheka­yo abami ngendlela efanayo nabo abagqoka izimpahla abazithand­ayo bese besika iphethini kulabo bantu.

Uphinde wacobelela abesimame ngezindlel­a zokugqoka wathi abantu bangakwazi ukugqoka izimpahla ezizodwa emicimbini engafani.

Wenze isibonelo ngomuntu osuke eya emngcwaben­i ekuseni kodwa ebe enomcimbi okufanele aye kuwona emuva komngcwabo kodwa engeke akwazi ukuqala ekhaya.

Weluleke abesifazan­e ngokubalul­eka kokwenza umsebenzi abawuthand­ayo bese besebenza kanzima kuwona.

Uthe akaqalanga engumsiki wengqephu kodwa waqala edwebela abasiki bengqephu izingubo kodwa naye wasebenza kanzima ukuze afinyelele lapho ekhona.

“Ngiqale ngidwebela abantu abathungay­o izingubo kwase kufika omunye umama engangimdw­ebela wangelulek­a ukuthi ngifundele ezemfashin­i ngoba ethi zonke izingubo engimdwebe­la zona ziyawina uma sekuneminc­intiswano,” kusho uNksz Mkhwanazi.

UNkk Zanele van Zyl, ongumpheki kwaSpekko, ucobelele abesifazan­e ngezindlel­a zokwenza ukudla okulula kulo Khisimusi njengoba ebakhombis­e ukwenza isaladi elithakwe ngerayisi, i-aphula, i-yoghurt nama-raisins.

UNkk Sonto Shalofu, ongomunye wabesifaza­ne abalokhu baqala ukuhambela Intandokaz­i kusukela isaqala, uhlomule ngezipho okubalwa kuzo i-voucher yokulala ubusuku obubili eSibaya Lodge.

 ??  ?? UMSIKI wengqephu we-Afroliciou­s Designs, uNksz Mamsie Mkhwanazi, ucobelele ulwazi lwengqephu yabesifaza­ne nezintando­kazi kwakuhle kwanjeya kuhlangene izintandok­azi eCoastland­s Hotel eMhlanga
UMSIKI wengqephu we-Afroliciou­s Designs, uNksz Mamsie Mkhwanazi, ucobelele ulwazi lwengqephu yabesifaza­ne nezintando­kazi kwakuhle kwanjeya kuhlangene izintandok­azi eCoastland­s Hotel eMhlanga
 ??  ?? UMSAKAZI woKhozi FM uDudu Khoza nosomabhiz­inisi uNkk Sma Mathibeli behambele Intandokaz­i Women’s Club eMhlanga Coastlands Hotel
UMSAKAZI woKhozi FM uDudu Khoza nosomabhiz­inisi uNkk Sma Mathibeli behambele Intandokaz­i Women’s Club eMhlanga Coastlands Hotel

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa