Isolezwe

Unesikwele­tu samanzi sikaR17 000

- ZANELE MTHETHWA

UPHITHENE ikhanda owesilisa waseAvoca Hills, eThekwini, obhekene nesikwelet­u sikaR17 000 athi sidalwe imitha yamanzi engabali kahle.

UMnuz Sipho Mncwango (55), utshele Isolezwe ukuthi sekuphele unyaka enale nkinga yesikwelet­u esaqala saba uR23 000.

Uthe uyaqwasha ebusuku uma ecabanga lesi sikweletu njengoba uMasipala weTheku usumnqumel­e ukuthi akhokhe, ngale kwalokho uzovalelwa amanzi.

Uthe inkinga yaqala ngokuthi abone imitha yamanzi ibala ngendlela engajwayel­ekile, wabikela umasipala.

“Bafika ekhaya bezobheka imitha, bavuma ukuthi inenkinga. Babuye bazoyishin­tsha bangifakel­a entsha. Ngibone sekufika isikweletu esinoR23 000 samanzi. Ngaxakeka ngoba selokhu kwathi nhlo angikaze ngikhokhe ngaphezu kukaR1 200 ngenyanga,” echaza.

Uthe uzame kaningi ukuyilwa le ndaba, abakwamasi­pala belokhu bethi bayaphenya.

UMncwango uthe ubeqhubeka nokukhokha imali ejwayeleki­le ngenyanga ngesikhath­i umasipala usacubungu­la udaba lwesikwele­tu.

Okumthuse kakhulu waze wazobikela iphephanda­ba ukuthi ngoLwesihl­anu olwedlule eyokhokhel­a isikweletu senyanga, utshelwe ukuthi sebeqedile ukucubungu­la udaba lwakhe.

“Bangitshel­e ukuthi esikweleti­ni sikaR17 000 sebengehli­sele ngoR 1 600 kuphela.

Bathe kumele ngenze uhlelo lokusikhok­ha sonke isikwetu lingakaphe­li isonto elizayo, ngale kwalokho bazongival­ela amanzi. Anginayo le mali futhi akulona iphutha lami ngoba imitha yabo ebingasebe­nzi. Nabo bayazi ukuthi imitha ebinenking­a okuyiyona edale lesi sikweletu kodwa abangizwel­i,” kusho uMncwango.

Isolezwe linayo incwadi yamanzi enalesi sikweletu sikaMncwan­go, athe asisamlali­si nasebusuku.

Uthe uke wavalelwa amanzi ngenxa yaso lesi sikweletu, babuye bamvulela baxolisa.

Okhulumela uMasipala weTheku uMnuz Msawakhe Mayisela uthe abavumelek­ile ukudingida ama-akhawunti amakhasime­nde abo nabezindab­a.

Unxuse ukuthi uMncwango aphindele emahhovisi kaMasipala kubonakale ukuthi luzolungis­wa kanjani udaba lwakhe.

 ?? Isithombe: ZANELE MTHETHWA ?? USEYAQWASH­A ebusuku uMnuz Sipho Mncwango obhekene nesikwelet­u sikaR17 000 samanzi esidalwe ukufa kwemitha
Isithombe: ZANELE MTHETHWA USEYAQWASH­A ebusuku uMnuz Sipho Mncwango obhekene nesikwelet­u sikaR17 000 samanzi esidalwe ukufa kwemitha
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa