Isolezwe

Injabulo kowePMB ebizwa kwiBafana

- MTHOKOZISI MNCUSENI

NGEKE nangengozi alithathe kancane ithuba alinikwe umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, umdlali wasesiwini weMaritzbu­rg United uFortune Makaringe obizelwe esikwatini esihlangan­e izolo ngaphambi kokuthi kuqale amalungise­lelo omdlalo wokuhlunge­la i-Afcon neNigeria ngoMgqibel­o.

Ukusho lokhu ngoLwesihl­anu ebusuku beqeda ukucazelan­a amaphuzu neHighland­s Park emdlalweni we-Absa Premiershi­p ophele kuwu 2-2 eMgungundl­ovu.

UMakaringe usezakhele olukhulu ugazi kubathandi bebhola baseNingiz­imu Afrika kusukela esuke kwiMoroka Swallows ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2014/2015 wajoyina iTeam of Choice.

Lo mdlali ogcine ukubonakal­a kwiCosafa edlubhe ezeBafana, ubonga abaqeqeshi bakhe ngokumkhul­isa osekuholel­e ekutheni uBaxter abuke ngakuyena. Uthe akayele ukuyokwand­isa isibalo kwiBafana kepha uzozama ukukhonka indawo yakhe kuleli qembu lesizwe.

“Ngijabulil­e kakhulu ukuthi ngiphinde ngabizwa. Lokhu kuwubufaka­zi bokuthi ukuzimisel­a kuyasebenz­a futhi kunomvuzo. Ukwenza kahle eqenjini nakho kuyasebenz­elana. Kuyahlekis­a ukuthi lezi zindaba ngitshelwe ngazo umakhelwan­e wami ngoba bengingena­lo ucingo ngalolo suku (ubeluwisil­e ucingo lwakhe luyolungis­wa). Ngizwe ngabantu sebengibon­gela ngingazi okube yinto emnandi ngoba ngithe uma sengilutho­lile ucingo lwami kwase kuyangicac­ela,” kusho lo mdlali. Ngokusho kukaMakari­nge ukubizwa kwakhe kuqondane kahle ngoba kuyiphupho lawo wonke umdlali ukumela izwe lakhe.

“Ngiyomela izwe lami ngakho lokho kwanele kimina. Kuyangikhu­thaza lokhu okwenzekil­e futhi ngifisa ukuthi kukhuthaze­ke nabanye. Ngiwulunge­le lo mdlalo futhi kuyadingek­a ukuthi ngiwulunge­le. Asizange sibizelwe ukuyokwand­isa isibalo kepha silandelwe ukuyokwenz­a umsebenzi. Kunabadlal­i (beBafana) abalimele abebenza kahle esikhathin­i esedlule ngakho lokhu kuwumthwal­o omuhle wokuthi sifune ukwenza kahle. Njengoba bengekho kumele senza kahle,” kusho yena.

UMakaringe uthe akufanele isatshwe iNigeria ngoba bonke abadlali abazobe bedlala (kuyona) bayafana nalaba abazobe bekwiBafan­a. “Ngeke sibayele ngobuso ngoba sibhekwe ukuthi silifake iqembu kwi-Afcon. Badlala emaqenjini adumile umhlaba wonke kodwa konke lokhu kuyisinong­o sokuthi siye kulo mdlalo sazi ukuthi siyobhekan­a nani, sizimisele nakakhulu. Ngeke nangengozi ngiliyeke leli thuba. Sidlala kahle kwiMaritzb­urg ngakho-ke kusemqoka ukuthi siqhubeke nokuzimise­la,” kusho uMakaringe. ■Khonamanja­lo izolo kuqiniseki­swe ukuthi iBafana izobhekana neParaguay emdlalweni weNelson Mandela Cup ngoNovemba 20 eMabhida Stadium, eThekwini, ngo-7 ebusuku.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UFORTUNE Makaringe weMaritzbu­rg United ujabule ngokuthi useqenjini leBafana Bafana elizobheka­na neNigeria emdlalweni wokuhlunge­la i-Afcon eFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UFORTUNE Makaringe weMaritzbu­rg United ujabule ngokuthi useqenjini leBafana Bafana elizobheka­na neNigeria emdlalweni wokuhlunge­la i-Afcon eFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa