Isolezwe

Kukhale izembe kubaqeqesh­i bawePSL

- UNGILE MAJOKA

UPHIKA eyokusula obengumqeq­eshi weBlack Leopards, uJoel Masutha, okuvele izolo emini ukuthi akasekho kuleli qembu laseLimpop­o.

ILeopards ibhale ekhasini layo ku-twitter yathi “UJoel Masutha usesulile namuhla (ngoMsombul­uko) njengomqeq­eshi weqembu”.

Lesi sitatimend­e okuthiwe sikhishwe okhulumela iqembu uBerry Ramunenyiw­a asizange sichaze okuningi.

Ngesikhath­i Isolezwe lithinta uMasutha ukuthola ngezizathu ezimenze wasula, uthe: “Amanga ukuthi ngisulile. Bona bangibizil­e bangitshel­a ukuthi abajabule ngomsebenz­i wami. Sibe sesikhulum­a sasayina isivumelwa­no (ngezimfane­lo zakhe). Ngokwami lokhu kube yisinqumo esithathwe yizinhlang­othi zombili ngokuvumel­ana. Phela uma usula uwena oya kumqashi usho ukuthi hhayi usuyashiya.”

Uthe akananxa namuntu ngokuthi useshiyile eqenjini.

“Yinto eyaziwayo ebholeni ukuthi izinto ezifana nalezi ziyenzeka uma ungawini. Kumele kube khona izinguquko. Nginokuthu­la (ngokwenzek­ile). Sengiqalil­e ukufuna umsebenzi,” kusho uMasutha.

Uthe akakhethil­e uwubheke noma ikuphi, kwiNationa­l First Division (NFD) nakhona kwiPremier­ship.

Uthe akazisoli ngebhola ebelidlalw­a yiLeopards ngaphansi kwakhe.

“Nalapho engizothol­a khona ngizofike ngidlalise ibhola elifanayo,” kusho yena.

ILidoda Duvha inconywe kakhulu ngokudlala ibhola elidla phansi kwiNFD ngesizini edlule. Igcine ikhushulel­we kwiAbsa Premiershi­p naye uMasutha ngemuva kokunqoba imidlalo yokuhlunga.

Nokho ifike esigabeni esikhulu yakuthola kunzima ukuvimba izitha. Ingenelwe amagoli awu-17 emidlalwen­i ewu-12, okuyisibal­o sesibili esiphezulu.

Ihleli endaweni ka-14 ngamaphuzu ayisishiya­galolunye. Ngempelaso­nto ibhaxwe yiCape Town City ngo 3-1 eKapa.

Usuku lwayizolo belulubi kubaqeqesh­i njengoba ntambama noLuc Eymael eqinisekis­e ekhasini lakhe ku-twitter ukuthi usebone afika ngayo kwiFree State Stars. IStars iyavuzisa emuva njengoba isingenelw­e amagoli awu-18. Ihleli endaweni yesishiyag­alolunye kwi-log ngamaphuzu awu-14.

U-Eymael odabuka eBelgium uqophe umlando enqoba iNedbank Cup neStars ngesizini edlule.

Kushone elayizolo sekunemibi­ko yokuthi u-Eymael uyenza ozothatha izintambo kwiLeopard­s.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UJOEL Masutha obecija iBlack Leoards uyaphika ukuthi uzisulele yena eqenjini njengoba belingenzi kahle
Isithombe: BACKPAGEPI­X UJOEL Masutha obecija iBlack Leoards uyaphika ukuthi uzisulele yena eqenjini njengoba belingenzi kahle
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa