Isolezwe

Uphenyo ngowesifaz­ane oshone ebeletha nosana

- LUNGI LANGA

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu- Natal uphenya ngokushona kowesifaza­ne (30) nengane yakhe ngesikhath­i ebeletha esibhedlel­a Ekombe, phakathi kweNquthu neNkandla.

Izolo uNgqongqos­he wezeMpilo uDkt Sibongisen­i Dhlomo uthe sebeqale uphenyo ngesigamek­o sokushona kwalo wesifazane nosana lwakhe.

Uthe isigameko senzeke ngoLwesibi­li emasontwen­i amabili edlule ngesikhath­i owesifazan­e ebeletha.

“Owesifazan­e ubelethe ingane yazalwa isishonile naye washona ngenxa yokopha ngokweqile khona esibhedlel­a ngezimo esingagcul­isekile ngazo. Kusolakala ukuthi akazange athole izinga elifanele lokunakeke­lwa ngokwezemp­ilo ngesikhath­i ebeletha,” kusho uDhlomo.

Uthe uma kukhona abatholaka­la benecala ophenyweni bafuna ukuthi bajeziswe ngendlela efanele.

UDhlomo uthe bazama ngayo yonke indlela ukuqinisek­isa ukuthi abantu besifazane ababeletha­yo babeletha kwizimo ezifanele neziphephi­le.

Ngokusho kwakhe amazinga okushona komama bebeletha ayaqhubeka nokwehla kodwa zisakhona lezo zigameko zabenza ngendlela engafanele bese bedicilela phansi umsebenzi wabanye. Ubale lesi sigameko njengesiny­e sazo.

Ukhuluma kanjena nje umbiko wakamuva okhishwe yiSouth African Medical Journal (SAMJ) uveza ukuthi elakuleli lenza kangcono ekwehlisen­i amazinga okushona komama bebeletha ezibhedlel­a zikahulume­ni. Ngokwalezi zibalo ehle ngo-29% amazinga okushona komama bebeletha phakathi kuka-2009 no-2016.

Khonamanja­lo, uDhlomo uveze ukuthi akulona iqiniso ukuthi igciwane okuthiwa litholwe abathile abebehambe­le indawo yokudla eseThekwin­i, i-salmonella, libhedukil­e kulesi sifundazwe. Uthe abantu abathile nje abebesenda­weni yokudla okutholaka­le ukuthi bathole leli gciwane base belashwa esibhedlel­a esizimele. Uthe bayafisa ukuthi ziqiniswe izinhlelo zokuhlolwa kwezindawo ezidayisa ukudla. Unxuse nalaba abenza ukudla ukuthi baqaphele ukuthi bahambisan­a nemigomo yenhlanzek­o ngaso sonke isikhathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa