I-ANCYL neYCL kungena olwakwaSABC
I-ANCYL neYoung Communist League (YCL) sekungenele udaba lokudilizwa kwabasebezi bseSABC.
Izinkulungwane zabasebenzi beSABC zibhekene nengwadla yokuthi zingase ziphelelwe wumsebenzi emuva kokuthi inkampani ikhale ngokuthi inezinkinga zemali.
UNobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Thanduxolo Sabelo, uthe bathathe isinqumo sokuthi bakhe umfelandawonye neYCL nenyunyana yabasebenzi iCommunication Workers’ Union ukuze balwe nokudilizwa kwabasebenzi beSABC.
“NgoLwesihlanu, Novemba 16, sizobe ziqhinqe ngaphandle kwamahhovisi eSABC ukuze sizwakalise ilaka lethu ngesinqumo sebhodi sokudiliza abasebenzi,” kusho uSabelo.
Uthe abasebenzi akubona abadale ukuthi inhlangano ingene ezinkingeni zemali kodwa yibhodi neziphathimandla.
“Kungani uma inkampani isisenkingeni yezimali ngamaphutha enziwe ngabanye abantu kodwa kushayeke abantu abangahlangene?” kubuza uSabelo.
Uthe bazowuqinisa umkhankaso wabo kuze kuba ibhodi lithola esinye isisombululo sokuhlenga inkampani ngaphandle kokudilizwa kwabasebenzi.
“Engqungqutheleni yethu siyintsha savumelana ngokuthi kumele kuqiniswe ukusebenza kwezinhlaka zikahulumeni, yingakho singeke sikuvume ukuthi kudilizwe abantu abanamakhono,” kusho uSabelo.
Uthe umkhankaso abawuqalayo wokulwa nokudilizwa kwabasebenzi uhambisana nomunye umkhankaso wabo wokunqanda imizamo yokukhipha amabhizinisi kahulumeni kuhulumeni.