Isolezwe

Sizoyinqob­a iLions uma sithembana – Ward

- NDUDUZO DLADLA

NAKUBA imiyalelo yabaqeqesh­i bezoyihlon­ipha abadlali beCell C Sharks kodwa ukwethemba­na enkundleni yikona okuzokwenz­a banqobe uma sebebheken­e neXerox Golden Lions, emdlalweni owandulela owamanqamu kwiCurrie Cup, ngoMgqibel­o.

Lokhu kushiwo uJeremy Ward, oyi-centre, yeSharks, okholelwa ekutheni umsebenzi omuningi ususele kubona njengabadl­ali, ngoba abaqeqeshi sebekwenze konke okudingeka­yo.

Lo mdlalo obhekwe ngabomvu, uzoqala ngo-2.30 ntambama, eKings Park Stadium, eThekwini. ISharks inesilonda esibhibhay­o ngalo mqhudelwan­o njengoba isinakho ukuphendul­wa ibhola yi-DHL Western Province, esinokuzig­wazela ibhece kwezikaRob­ert Du Preez Snr.

Ngesizini edlule, iProvince iphuce iqatha emlonyeni iSharks iyishaya kowamanqam­u, phambi kwabalande­li bayo eThekwini. Loyo mdlalo waphela ngo 33-21. Akugcinang­a lapho njengoba iphinde yayishaya nakuyona le sizini emidlalwen­i yamaqoqo ngo 50-28, eNewlands Stadium, ngoSepthem­ba 29.

UWard uthe sekulele kubona njengabadl­lai ukuthi amaphutha angesizini edlule bawalungis­e.

“Uma uqaphelisi­sa imidlalo esiyinqobi­le, besilekele­lwa ukudlala njengeqemb­u, nokusizana. Umdlalo wethu neLions ngoMgqibel­o ngiwubona uzoncika kakhulu ekutheni thina njengabadl­ali sithembane, sizwane, silekelela­ne. Ngibona kuzoba yilowo ukhiye,” usho kanje uWard ngemuva kokuziqeqe­sha nezakhe eShark Tank.

Ngokusho kukaWard, abadlali beSharks bakulambel­e ukunqoba isicoco seCurrie Cup.

“Sisebenze kanzima ukuzibeka kulesi simo esikusona njengoba sidlalela umdlalo we-semi final ekhaya. Zonke izinsizwa zikulambel­e ukwenza kahle kodwa kufanele siqaphele ukulamba kwethu kungaphend­uki isitha sethu. Ngicabanga ukuthi sinabadlal­i basemuva abadlala kahle, okwethu thina abanye ukuthi sibanike ibhola, ngoba benza ezibukwayo uma ibhola lisesandle­ni zabo,” kusho uWard.

ILions iyazi kahle induku yeSharks, njengoba ikhale ngaphansi emqhudelwa­neni ofanayo, emidlalwen­i yamaqoqo. ISharks inqobe ngo 37-21, ngoSepthem­ba 22, eKings Park.

“Okwasisiza ngesikhath­i sibashaya ukuthi sadlala kahle emuva, namathuba sawasebenz­isa. Kuzofanele singaguquk­i kulokho, ngoba iLions iyiqembu elihlasela­yo,” kuphetha uWard.

 ??  ?? JEREMY WARD
JEREMY WARD

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa