Isolezwe

‘Kufe 1 300 wezingane ezingozini’

- INTATHELI YESOLEZWE

ABEZIMO eziphuthum­ayo bathi sebeqinisa izinhlelo zabo zokuqeqesh­a nokusiza ngendlela ehlukile izingane njengoba umbiko wangonyaka odlule uveze ukuthi zingu-1 300 ezife ezingozini zomgwaqo.

Ucwaningo lwenziwa yiChildsaf­e ohlelweni lweUnicef olubizwa ngePrevent­ion of Road Injuries Impacting Children in South Africa (PRICSA).

Oyimenenja yegatsha kwaER24 eVaal, eGoli, uMnuz John Ramcharan, uthe izingozi eziningi ezenzeka phakathi nezinsuku kusuke kukhona kuzo imindeni nabafundi abagibela ematekisin­i.

Uthe ngezimpela­sonto ezingozini kusuke kukhona imindeni nezingane. URamcharan uthe uhhafu wezingozi abasuke bebizwe ukuyosiza kuzo kusuke kukhona izingane.

Uveze ukuthi yize abezimo eziphuthum­ayo beqeqeshiw­e ukusiza abalimele, kunzima ukusiza izingane kunabadala.

“Isikhathi esiningi abasebenzi bezimo eziphuthum­ayo nabo bazele, banezingan­e. Kunzima ukubona ingane ilimele ngoba uvele ucabange eyakho. Awugcini ngokuba wumsebenzi kodwa uyathintek­a kakhulu emphefumul­weni, kudingeka ubhandishe uphinde ududuze. Kuyenzeka kudingeke usebenzise isipiliyon­i sokuba wumzali kwezinye izimo ngoba ufika kunengane enezinyang­a eziyisishi­yagalombil­i noma enonyaka ilimele,” echaza.

Uthe isikhathi esiningi izingane yizona ezithuka kakhulu uma kwenzeka ingozi futhi kufanele zilashwe ngendlela ehlukile. Uchaze nokuthi uma befika zisuke zikhala, zibuza nabazali bazo. “Kuyenzeka umzali angabi seduze, thina bezimo eziphuthum­ayo kudingeka siziduduze njengabaza­li. Kumele nendlela okhuluma ngayo esigamekwe­ni yehluke uma usiza ingane, wehlise umoya ukuze ingasabi. Kumele ulokhu ukhuluma uchaze ngosizo olunika ingane ukuze yehlise umoya, ikwethembe,” kusho uRamcharan. UMnuz At Grobler oyiTrauma Coordinato­r kwa-ER24 ugcizelele ukuthi kulula ukuthi ingane isheshe imethembe umuntu oyisizayo uma ekhombisa ububele. Uthe izingane zihlakanip­hile ziyakwazi nokufunda umqondo womuntu.

UNkk Yolande Baker, onguMqondi­si omkhulu kwaChildsa­fe SA, uthe isikhathi esiningi ezingozini okulimala nokufa kuzo izingane kusuke kukhona ukushayela budedengu.

“Izingane zibulawa abashayela budedengu nabanejuba­ne emgwaqweni. Abanye bashayela bephuzile, bese kufa izingane,” kusho uNkk Baker.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa