Isolezwe

Ngincoma umsebenzi weSiyapham­bili Qondile Home Based Care

-

MHLELI: Ngithi ake ngithulele isigqoke inhlangano yomphakath­i engayenzi inzuzo eJozini ngasenxanx­atheleni yezitolo iJozini Mall eyasungulw­a umama uGumbi kudala kodwa namanje isamile ekusizeni abantu ikakhuluka­zi abakhubaze­kile iSiyaphamb­ili Qondile Home Based Care.

Into engenza ngibonge lo wesifazane ngubuhlaka­ni aba nabo ekusungule­ni inhlangano esiza ngezidingo zabantu abaswele ikakhuluka­zi abakhubaze­kile.

Ngike ngavakashe­la emahhovisi­ni abo ngafica impela kumanzi phansi njengoba bekuqeqesh­wa abakhubaze­kile befundiswa ngokubambi­sana neMfolozi FET College.

Ngijabulil­e ukubona ukuthi kukhona abantu abalula isandla emphakathi­ni hhayi ngoba bebheke inzuzo kodwa bekwenza ngokwethem­beka.

Ngiyafisa ukuthi uma laba abaqeqeshw­ayo sebeqedile uqeqesho kube khona ukuhlangab­ezana neMeya yethu yaseJozini uMnuz Delani Mabika ukuze bathole okuzoba ngamathuba omsebenzi noma babaqhubez­ele phambili ngezifundo kwazise iSiyaphamb­ili Qondile Home Based Care lolu hambo isibaqalel­e.

Ngiphinde ngizicelel­e nje kulabo abacaphuna kuphinde kusale ukuthi basilule isandla balekelele le nhlangano ikakhuluka­zi ekuqedelen­i amahhovisi ayo njengoba engakaphel­i kahle ukwakhiwa.

Nawo nje umphakathi waseJozini namaphethe­lo awusilule isandla bakuthumel­e kule nhlangano yomphakath­i. Phela sibusisiwe isandla esiphayo.

Ngokubambi­sana nosomabhiz­inisi baseJozini, umkhandlu waseJozini oholwa nguMnuz Delani Mabika nabefundis­i bethu bamabandla ahlukene lesi sakhiwo sizosiqeda ungakashay­i uJuni wonyaka ozayo. Sbongeleni Myeni EJOZINI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa